UMCULI we-Afro house uBongi Dube ucishe washonela esteji ngesikhathi eshaywa wugesi emcimbini obusendaweni yobumnandi eThekwini muva nje. UBongi ulimale kanzima onyaweni nasohlangothini lonke kwesobunxele.
Le ntokazi ebuye kwezokungcebeleka ngenoni elithi Benginawe, iyelulama emzini wayo ngemuva kokusinda kulesi sehlakalo.
Yize engathandi ukukhuluma ngalesi sigameko nokuthi senzeke kumuphi umcimbi ngenxa yokuthi simvusela iminjunju, uBongi uthi kwale kancane ukuthi aphambane nemvula.
“Ngithe ngisacula nje esteji kanti ngizonyathela intambo kagesi ebingasongiwe.
“Ngizwe sengathi kukhona ongishaya kakhulu ngesagila noma ngesando esihluzwini, ngashokheka kwamnyama amehlo futhi nengqondo yathi ukuhamba imizuzwana.
“Kwale kancane ukuthi ngifumbeke phansi.”
UBongi uthe imenenja yakhe ithe uma ibona kwenzeka lokhu yafonela umyeni wakhe ongudokotela, uDkt Sbusiso Ndlovu, yamazisa ngosekwenzekile.
Uthe umyeni wakhe omxilongile.
“Khona ngiyalulama ngoba sengiwaqaqile amabhandishi onyaweni nasengalweni kodwa kusenzima ukuhamba.
“Kunemicimbi engicele ukuhoxiswa kuyo futhi ngamisa nokuzilolonga neqembu lami. Angikwazi nokugqoka izicathulo eziphakeme nokushayela imoto.”
UBongi uthi kuphazamiseke namalungiselelo okukhipha i-albhamu yakhe entsha ethi Maye.
Lo mculi waduma eminyakeni eyedlule ngengoma ethi Ngenzenjani? Ngifuna Wena, Ngaphesheya Komfula nethi You Can Stay. Uyindodakazi yenkosi yomculo we-reggae engasekho, uLucky Dube.