UMREPHA obuye abe ngumethuli wezinhlelo zomculo kuleli uSiyabonga Themba Metane odume ngelikaSlikour uzwakalise ubuhlungu abhekene nabo eshayiswa yimoto edle phansi ngemuva kwesehlo.
Lo mrepha owayeyilungu leqembu iSkwatta Camp ubezivocavoca egijima ngesikhathi ebandakanyeka engozini ngeSonto ekuseni.
“Ngiyazi ukuthi sibaningi esizilolonga ngokugijima nokuhamba, ngizocela ukunxusa ukuba niqaphele. Abenzi bobubi abanandaba nani, inhloso yakho yokuba nempilo nokuthi yini ekuvusayo,” ubhale kanjena enkundleni i-Instagram efake isithombe elele esibhedlela.
Uqhubeke wathi miningi imindeni ejimayo okumele iqikelele ezokuphepha.
“Ngithumela lokhu kuphela ngoba ngibonga ukuthi isimo sami besingesibi kakhulu. Ngeke ngifune omunye umuntu ozobhekana nakho,” kuphetha yena.