UVELE kancane enkantolo yeMantshi eTshwane umsolwa oneminyaka engu-41 osolwa ngamacala abucayi ahlanganisa amacala ayisishiyagalombili okudlwengula okuphoqiwe, ayisithupha okushaya ngenhloso yokulimaza.
Kuthiwa mabili amadokodo avulelwe lo msolwa njengoba kunabagilwa abane abamvulela icala kuqala, kwase kuvela abanye nabo abesilisa ababili ngemuva kokuvela kwe-video ebizungeza enkundleni yezokuxhumana ibonisa abagilwa abahlukene bebhaxabulwa benqunu.
Icala lakhe lihlehliselwa umhla ka-3 Mashi ukuze kuqhubeke uphenyo ngemininingwane yakhe yokufaka isicelo sebheyili.