SEKUVELE ukuthi uNontandakubukwa weTheku, uTha Simelane ubuyela kuZalo kwiSABC1.
Kulokhu kuthiwa indawo yakhe izoba kwezinkulukazi kulo mdlalo. Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi uTha uzobuyela kolingisa indawo yesiqumama uJafta, ake ayilingisa kancane kulo mdlalo.
“Uzoqala ukushutha maduze kulo mdlalo. Usevumelene nabaphathi boZalo ukuthi abuye kulo azolingisa indawo yakhe. Kulokhu kunezinhlelo zokuthi indawo yakhe ibenkulu kakhulu kunakuqala, futhi izoba kwezihamba phambili kuZalo. Njengoba ezoqala maduze ukushutha kulo mdlalo indawo yakhe izoze iqale ukubonakala ngoJanuwari ngenxa yokuthi ngokwemidlalo yethelevishini umuntu uqala ukubonakala emva kwezintathu eqalile ukushutha,” kusho umthombo.
Ethintwa uTha, uthe akakwazi ukukhuluma ngalokho manje, kodwa ngokwazi kwakhe kumele indawo yakhe ibuye njengoba ayishiya ilenga kulo mdlalo. Uthe yena into angakhuluma ngayo ngokukhululeka wumcimbi iKing Bhaka Music Festival aqashwe kuyona ukuyophatha uhlelo ngo-Okthoba 14, eKing Bhaka’s Dam, eNgilanyoni, eMid Illovo.
Uthe lapho uthembisa into yamehlo njengoba esebuye ngokugcwele ukuba wumphathi wezinhlelo abese emile kukhona.
Okhulumela Uzalo, uNomfundo Zondi akatholakalanga ukuphawula. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kanti nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga.
UTha njengoba kuthiwa ubuyela kuZalo, uyoqhubeka nendawo kaJafta ongusomabhizinisi owafika wathenga isonto likamfundisi Mbatha (Thabo Mnguni) waliphendula indawo yobumnandi.
Washiya kule ndawo kungakacaci ukuthi le ndawo yobumnandi iqhuba kanjani. Kumanje uMbatha akanalo isonto nje kungenxa yokuthi lalithengwe wuJafta.