IZOVULA ngamahubo amabutho aKwaZulu iNgodini Bunduz Games eqala namuhla ize iphele ngeSonto e-Adventure Park, eShowe.
Kulo mbukiso ohlanganisa imidlalo ehlukene kuzobe kuqhudelana izimoto ezingama-4*4, imidlalo yakudala okubalwa o-Three Tin, ukugitshelwa kwamahhashi, umdlalo wezinduku kuphinde kuqwalwe nezintaba.
Okwezokuxhumana e-Adventure Park, uWellington Makwakwa, uthe kuningi okuzojabulisa abantu ngoba kukhona nabaculi bakamaskandi nabendawo abazonandisa khona.
“Kubaculi abazonandisa singabala oNtencane, Mzukulu, Mjolisi nabanye. Njengoba kuqalwa namhlanje, kuzobe kusengukuvula okuzoba namabutho kaZulu azobe ehuba. Izinto eziningi zizokwenzeka kusasa ngoMgqibelo. Ngokwemidlalo ezobe yenziwa kukhona ezokhokhelwa ngaphakathi njengokuqwala izintaba kodwa eminye njengokudlala oThree Tin ayikhokhelwa, imahhala. Kulo nyaka isibalo sizonyuka ngoba baningi abantu abakhombisa ukuthi sebeyayazi iNgodini Bunduz Games esinenminyaka eyisiShiyagalombili ikhona,” kuchaza uWellington.
Amathikithi alo mcimbi atholakala eProticket ngo-R400. Wona akuvumela ukuthi ube yingxenye yomcimbi impelasonto yonke ngoba uzoze uphele ngeSonto.
UWellington unxuse ukuthi abantu bawathenge eProticket amathikithi ngoba azikho izinhlelo zokuthi adayiswe esangweni. Uveze ukuthi abafuni ukuthi kube nesiminyaminya kusafika abantu.
Eqhuba uWellington uthe kuzoba khona nezazi zomlando ezizobe zichazela abantu ngomlando waseShowe.
“Kulapho kukhona ithuna leNdlovukazi uNandi okwenza indaba ibe nomlando omuhle. Lokho kuzosiza abantu abaningi ukuqonda umlando wakwaZulu nokukhangisa indawo yaseShowe, emazweni angaphandle njengoba kuzobe kukhona nabokufika,” usho kanje.