KUZOBE kuwubumnandi bodwa ePlayhouse, eThekwini kule nyanga njengoba ngeSonto kuqala uchungechunge lwemicimbi yokugubha inyanga yabesiFazane. Isikhulu esiphezulu salesi sikhungo sezobuciko, uLinda Bukhosini, sithe lolu chungechunge lwaminyaka yonke luzoze luphothulwe ngo-Agasti 20. ULinda uthe njengabasunguli baleli dili bahlale benza isiqiniseko sokuthi wonke umuntu uyeneliseka ngendlela abasuke bezididiyele ngayo.
"KwiSA Women's Arts Festival (Sawaf) yakulo nyaka izithameli zizozitika ngemidlalo yeshashalazi bukhoma, idili lomculo nemidanso esezingeni eliphezulu ezobe ibheka ukuthi izakhamuzi zakuleli zibenzeleni abesifazane ngeqhaza abalibambile ekufukuleni izwe lwethu. Sizobuye sibe nezingxoxo ezijulile futhi kuqhakanjiswe imisebenzi yezobuciko nobuhlalu ngesikhathi kuqhubeka lolu chungechunge," kuphetha uLinda. Amehlo amaningi azobe ethe njo ekhonsathini okunandisa kuyo umculi we-Afro jazz/soul, uThandiswa Mazwai, e-Opera Theatre ngo-Agasti 12 kusukela ngo-7.30 ebusuku kanti amathikithi abiza phakathi kuka-R400 kuya ku-R600. Umdlalo weshashalazi oqondiswe wuMbongeni Ngema wodumo kwiSarafina, Omama Abahlobisi Bomhlaba, uzokhonjiswa eLoft Theatre kusukela ngo-11 Agasti kuya kumhla ka-12 kusukela ngo-7 ebusuku. Kuboshelwe abalingisi abanekhono eliyisimanga, okubalwa kubo, uSam Hlophe, Cabangile Gumede, Bazini Msomi, Zawadi Yamungu no-Anele Sibisi. Amathikithi abiza uR100. Umdlalo kaWilly Russel, iShirley Valentine, uzokhonjiswa eDrama Theatre ngomhla ka-11 no-12 ngo-7 ebusuku futhi amathikithi abiza uR100. Kuzoba nengxoxo ngezifo zengqondo ezihlasele abantu abaningi kuleli e-Alhambra Room ngomhla ka-12 kusukela ngo-12 emini. Akukhokhwa ngisho indibilishi emnyango. Izimbongi zizohaya zidedelana kwiPoetry Sessions ngo-Agasti 12 kusukela ngo-5 ntambama. Kuboshelwe uXoli Vilakazi, Ewok, Thando Fuze, Kush Mahleka, Farah Sayed kanti umphathi wohlelo nguNkululeko "Page" Ngwenya. IRomanza, okudidiyelwe kuyo umdlalo wesigingci, uJames Grace neCompania Sophia Spanish Dance Group Troupe, izonandisa eLoft Theatre, ngo-Agasti 18 no-19 ngo-7 ebusuku futhi kungenwa ngoR100. Abathandi be-contemporary dance bazobhema bakholwe emisebenzini emibili yezingwazi, uSylvia "Magogo" Glasser noMandla "Sonny boy" Motau, eDrama Theatre ngo-Agasti 18-19 kusukela ngo-7.30. kuMthombo/Baobab kuboshelwe oSonnyboy, Eugene Mashimane, Lesego Dihemo, Sbusiso Gumede, Thabo Naha, Afrika Ziqubu no-Esinawo Nkohla kanti kungenwa ngoR100. Imbenge izosongwa ngonqambothi lomculo we-opera, ozobe uqhululwa ngumzwilili wakuleli, uNozuko Teto.
Le ntokazi izobe iphelezelwa wuKhayakazi Madlala noBongani Kubheka futhi bedlalelwa up iyano wu-Andri Potgieter eGrand Foyer ngo-Agasti 19 kusukela ngo-3.30 ntambama. Amathikithi abiza uR80. Amathikithi okuthamela imicimbi yasePlayhouse atholakala eWebtickets kanti izindawo zokupaka ziseRoyal Hotel nase-Albany Hotel.