ESIKHATHINI lapho isizwe sisazikhotha amanxeba ngokudlula emhlabeni kowayewumculi wekwaito uMampintsha, ukufa sekuphinde kwagadla futhi kushona unina walo mculi, uNksz Zamanguni Gumede.
Ngokusho komzukulu kaNksz Gumede (66), uNksz Zamaswazi Gumede, uthe ugogo wakhe ubevele engaphathekile kahle, kodwa isimo sakhe sempilo saba sibi kakhulu sekudlule indodana yakhe abeyikhonze kakhulu.
“Ubevele esesibhedlela eWentworth ngoba engaphathekile kahle. Sithole ucingo lwabasesibhedlela, bethi asiphuthume khona ngoba ugogo kukhona afuna ukusitshela khona.
“Sithe sifika akangabe esakhuluma lutho olutheni, kwaba ukwedlula kwakhe emhlabeni kanjalo ngezithuba zabo-11 izolo ebusuku.
“Siphithene amakhanda ngokwenzekile, ikakhulu ngoba besisazikhotha amanxeba ngokushona kwamalume (esho uMampintsha), kuchaza uZamaswazi kuzwakala ukuthi ukhungathekile.
Ingoduso kaMampintsha, uBabes Wodumo, nayo ifake isithombe kwi-WhatsApp, esihambisana nombhalo wamazwi enduduzo ngokushona kwamamezala wakhe.
“Lala ngokuthula gogo kaSponge. Ungikhonzele kumyeni wami. Ngiyanithanda,” kubhala uBabes Wodumo kwiWhatsApp.