UMCULI kamaskandi, uLangalethu ‘Skebhe’ Buthelezi, usehamba ethuka izanya kulandela ukubulawa kwabecula nabo eqenjini, Ozungezwayo.
USkebhe (32) uthe okwenza ahlalele ovalweni ukuthi akazi ukuthi yini eyimbangela yokubulawa kozakwabo okunguThandanani “Chillies” Mkhabela (obulawe muva nje) nomfowabo uSkhuliso Buthelezi (owabulawa ngo-2020).
Echaza ngokubulawa kukaChillies (31) eGermiston ngoLwesihlanu, uSkebhe uthe umufi wayebuya emsebenzini ngezithuba zawo 8.30 ebusuku.
“Wafika wabeka ayekuphethe, wabe esethi uyabuya usayothenga i-airtime esitolo esisendaweni. Kwathi esanda kuphuma, sezwa sekuqhuma isibhamu. Saphuma sathi siyobheka, safica umfowethu eselele. Kungasekho ukumvusa ngoba zibe ningi izinhlamvu eziphelele kuye ekhanda.”
USkebhe uthe uChillies ulandele umfowabo uSkhuliso naye ofe ngokudutshulwa ngo-2020. Uthe usele dengwane ngoba ushiywe yizinsizwa akhula nazo futhi wasungula nazo, Ozungezwayo.
“Ungishiye ngokukhulu ukuzuma ngoba bengingalindele ngempela futhi bengingazi nesisodwa isitha sakhe.”
Uthe umufi uhambe emhlabeni besanda kuphothula ukuqopha i-albhamu yabo yesihlanu engase iphume ngaboJuni, ezolandela ethi True Love (2017), Game For Love (2019), Traffic (2021) nethi Sorry Ngeke (2023).
Uchaze uChillies njengensizwa ebiyimvu futhi ingazwani nokukhuluma. Uthe umufi ehambe emhlabeni esanda kuyolobola futhi waze wambesa ingoduso yakhe, uNksz Mthabiseni Buthelezi waseNkanini, eBabanango ngoDisemba 29.
Umufi, obengumshayeli wamatekisi, ushiye emhlabeni ingoduso, indodana nendodakazi, umfowabo nodadewabo, uyisomncane noninakhulu. Kulindeleke ukuba afihlwe eBabanango ngale mpelasonto.