Ubonge ukwesekwa waphinde wawubhekisa kubabekazi wakhe umklomelo kaMr Supranational uzime, uFezile Mkhize, odle lesi sicoco ePoland muva nje.
UFezile, ophinde abe ngudokotela, wehlule abanye besilisa abese esele nabo bengu-10 abebevela eVietnam, Venezuela, Laos, Mexico, Colombia, Netherlands, Philippines, Polands naseDominican Republic.
Ngokunqoba lesi sicoco, ube ngowokuqala ovela kuleli zwekazi ukusithatha.
Uthe akakakholwa ukuthi usebizwa ngoMr Supranational.
“Bengithanda ukunibonga kusuka ekujuleni kwenhliziyo yami ngakho konke ukungeseka ebengikuthola kinina nonke. Yinto engakholakali. Ngithanda ukunibonga ngoba ngokubeka isitini phezu kwesinye sakhe isisekelo esiqinile nakhu manje lapho esimi khona,” kusho uFezile.
Uthe umklomelo uhlonipha ngawo uWayne Stafford oshone ngoDisemba wonyaka odlule. UWayne ube nesandla emincintiswaneni yozime eminingi okubalwa neMr Supranationnal South Africa.
Uthe uhlonipha nobabekazi wakhe, uThulisile, oshone muva nje.
Ngaphandle kokumodela, uFezile uphinde abe wumlingisi nomethuli wezinhlelo njengoba eke wethula iTop Billing kuSABC 3 futhi walingisa kwiGenerations: The Legacy nakweminye imidlalo.
Ngokunqoba lesi sicoco, ulandela ezinyathelweni zikaLalela Mswane yena owathatha esikaMiss Supranational eminyakeni emibili edlula ngemuva kokuwina esikaMiss South Africa.