UKATLEGO Maboe uthi ubonga ithuba lokuthi abuye kuthelevishini azokwethula uhlelo iDeal or no Deal kuSABC2 nokushintshe impilo yakhe.
UKatlego ukhulume neSolezwe, eDurbanville Hills, eCape Town la bekwethulwa khona uhlelo iMasterchef isizini yesihlanu eqale ngoMgqibelo kuS3.
Kulo mcimbi uKatlego ubengumphathi wohlelo.
Ekhuluma ngokubuyela kuthelevishini, uthe abantu bangabuka eshintsha izimpilo zabantu ngokubawinisa imali, kodwa naye kushintshe eyakhe njengoba ike yama.
“Ngijabule empilweni ngendlela izinto esezihamba ngayo. Ukubuya kuthelevishini ngalolu hlelo kimi akusho lukhulu kimi kodwa nabantu engihlangana nabo nsuku zonke bezozama ukushintsha izimpilo zabo. Ukuba umethuli weDeal or no Deal kushintshe neyami impilo ngoba izinto nakimi seziqala ukubuyela esimweni, ngesimo esaziwa abaningi engake ngabheka nabaso,” kusho uKatlego.
Uthe manje ubheke phambili ekutheni amathuba aphinde aqhubeke nokuvuleka, kodwa okwamanje usajabule la akhona.
Uveze ukuthi uhlelo alwethulayo lumbuyisele ithemba kodwa futhi lumephula inhliziyo uma abantu beqhuntshwa umhobholo wokufuna imali enkulu.
“Ngiyathemba abantu bayisebenzisa ngendlela ezobasiza bathuthuke le mali abayithola ohlelweni. Ngiyathemba ukuya phambili abaningi sebefundile ukuthi kumele bame kuphi uma izinto bezibona zibahambela kahle ohlelweni ngoba kuningi okungashintsha ngokushesha,” kuchaza yena.
Okwamanje uthe ngeke aze anabe ngobudlelwane bezothando kuyinto ayoyixoxa ngelinye ilanga uma sekufike isikhathi.
UKatlego waba sematheni eminyakeni emibili edlule la owayengunkosikazi wakhe uMonique Muller, aveza ezinkundleni zokuxhumana ukuthi lo methuli wezinhlelo uyamhlukumeza futhi ubephinga.
Lokhu kwaholela ukuthi uKatlego alahlekelwe amathuba ahlukene omsebenzi kuthelevishini.