EMVA kweminyaka ezama impumelelo kwezomculo, kungalungi, usethi thokola themba amathunzi ayewukela ngenxa yendlela izinto ezihamba ngohlelo ngayo uZe2 ongumculi we-Afro house ehlanganiswe nama-piano.
UZe2 (29) waseMlaza, uthe kulokoza inhlansi yethemba lempumelelo kuyena njengoba eseqopha umculo ngaphansi kwenkampani ka-Oskido, iLegend Live by Oskido, engaphnsi kweKalawa Jazzmee.
“Bese kuyisikhathi eside ngizama ukuhlanganisa kwezomculo kodwa kungahlangani, ngakhongithemba ukuthi njengoba sengisebenzangaphansi kuka-Oskido, sekuzoqala ukukhanya.
“Ukulunga kwezinto ngingasathembi kungikhombise ukuthi uma sekuyisikhathi sokuthi into yenzeke, akukho lutho namuntu ongayivimba,” kusho uZe2 ojoyine iLegend Live ngoJulayi nyakenye.
Lo mculi oseke wasebenza namaciko anjengoZakwe, Mzulu, X-wise, Kabza DeSmall, Soa Mattrix noJosiah De Disciple, uthe okunye okumsizile wukupikwa ezingomeni zabaculi abehlukene, angajahi ukukhipha ezakhe engakaziwa muntu.
“Lokho kungisebenzele kakhulu. Kwenze namaciko adumile ezwa ngami, amanye aze acela nokuthi ngisebenze nawo, okuyinto obekuzoba nzima ukuyenza ngingadumile,” kusho uZe2 onezingoma ezintathu ezithi eNgizizwa Ngayo, Soka Lami apike kuyo uZakwe neyakamuva iPhola.
Ephetha, uthe manje usebheke ukuhlanganisa izingoma ezizoba kwi-EP yakhe, azoziqopha bese ezibekela ukuzikhipha ngesikhathi esifanele.