Insizwa yaseRichard Bay eyazakhela igama ohlelweni ama-Idols SA, uLungisani Mthethwa eyaduma ngelikaMr Music, ithi impilo yayo ike yaba nzima iphuma kulolu hlelo njengoba izinto zingahambanga ngendlela eyayicabanga ngayo.
UMr Music waduma ngo-2021 kukhonjiswa isizini yesi-16, naphuma kuyo isibili.
Ekhuluma neSolezwe, uveze ukuthi kwavaleka yonke into ngemuva kokukhipha ingoma yakhe neKalawa Jazzmee, nangaqondanga ukuthi kwenzakalani empilweni yakhe.
“Ziningi izinto engangifuna ukuzenza, ngiphuma ohlelweni. Ngangizibona ukuthi izinto zami ziyahlangana kodwa ngemuva kokuphuma ngakhipha izingoma ezimbalwa eKalawa, kwashabalala okuningi. Ngangibona uhlobo lomculo engangilwenza lungiyisa kude. Ukungawini kwangiphatha kabi kodwa ngazitshela ukuthi njengoba sengivelile emphakathini konke kuzoba lula,” kuchaza yena.
Uthe kukhona isikhathi esamfikela wangagculiseka ngezinto ezithize emculweni wakhe ayesewujwayele.
“Ngangiyingane kakhulu ngivela emphakathini kodwa ngangibona ukuthi kuyabheda kakhulu. Ngafikelwa isikhathi lapho engangiqashwa kodwa ngicele ukungawuthathi lowo msebenzi, ngingazi kudalwa yini. Ngaba yimvu elahlekile, ngabona ukuthi angibuyele enkonzweni, izinto zaqala zaba ngcono. Ngabona ukuthi angingene emculweni wokholo ngoba engakunaka ukuthi abantu enkonzweni umculo wami bayawuthanda futhi uyabelapha, ngabona ukuthi angenze umculo wokholo engikuwo manje,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi manje umatasa uqopha i-albhamu yokholo ezophuma maduze ethi The Calling.
Ngo-Okthoba walo nyaka, uveze ukuthi uzoqopha bukhona ePlayhouse, eThekwini, njengoba efuna ukubuya emehlweni abantu baphinde bamazi.
Uthe amathikithi alo mcimbi aseyadayisa kusuka kuR180 kuye kuR380.
Abaculi athe usekhulume nabo futhi bazoba yingxenye yalo mcimbi kubalwa uXoli Mcwango no-Oncemore Six.