ASEBAKE bawina izindondo kumaGrammy Awards uBlack Coffee neLadysmith Black Mambazo, bangabanye bababoshelwe emcimbini iBallito BIG Week okumenyezelwe ukuthi izoba kulo nyaka.
Lo mcimbi ozoqala ngoDisemba 22 uze uphothulwe ngoJanuwari 1, uzoba seBallito Cane Fields.
U-DJ Merlon uthe abakuqala ngonyaka odlule sekuyandlondlobala. Ngonyaka odlule wenza umcimbi i-Africa is not a Jungle ngoDisemba 24, lapho okwakudlala khona uBlack Coffee nabanye.
“Mina ngizoba yingxenye yezinsuku ezimbili kuphela. NgoDisemba 22, lapho kuzodlala khona mina, uBlack Coffee, Enoo Napa, Sona, Caiiro neLemon & Herb. Ngizophinde ngibe yingxenye yeSummer Africa Festival ngoDisemba 26. SineMambazo, Mondli Ngcobo, Sjava, Q Twins okuyizingane zakhona KwaDukuza, Msaki neMafikizolo,” kusho uMerlon.
Uthembise ukuthi kuzoba wuDisemba omnandi njengoba yena noMondli Ngcobo noFreddy bezokhipha ngokuhlanganyela ingoma ethi Yimi Nawe ngoNovemba 4.
Umnikazi weG&G Production ehlela iBallito BIG week, uGreg Walsh, uthe le ndawo iyintandokazi kubavakashi kanti bekushoda ubumnandi.
“Yingakho besifuna ukuletha abaculi abanohlonze eBallito kulo nyaka,” kusho uGreg.
Abanye abazonandisa kusuka ngoDisemba 27 kuze kube wuJanuwari 1, kubo uZakes Bantiwni, Sun-El Musician, Tresor, Goodluck, Timo ODV, Kasango, nabanye.
Amathikithi atholakala ku-howler.co.za