UMCULI wokholo futhi ongumfundisi u-Andile Majola, uthi uzofeza iphupho lakhe leminyaka ngokwethula incwadi yamahubo ngoMashi.
Lo mculi oqeda iminyaka engu-26 esemculweni nonyaka, uthe waba nephupho lokukhipha incwadi yezingoma kusuka eqala.
“Incwadi i-Journey of Psalms (Uhambo lwamahubo nezihlabelelo zikamoya) inezingoma ezingaphezu kuka-300 engazibhala. Ngizifaka encwadini njengendlela yokubonga kwami ukwesekwa. Ngikubeka kube emthethweni manje ukuthi amabandla azihlabelele wonkana ngoba ayazicula. Yiphupho leminyaka engu-25 selokhu ngafika endimeni,” kusho u-Andile.
Uthe uzoyethula ngokusemthethweni ngoMashi 29, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.
Uphinde wadalula ukuthi kule nyanga uzoqala inhlolokhono yekhwaya afuna ukuyibumba ezohlukana kabili – eyabadala neyezingane.
“Uma usuneminyaka engu-26 endimeni kumele ubuke izizukulwane ezizayo. Ikhwaya yezingane ngiyenza ngoba sibhekene nenkinga yokonakala kwezimilo zabancane. Ingane ikhulelwa ineminyaka engaphansi kuka-15. Yindlela yokuziqoqa.”
Uveze ukuthi unyaka odlule umphathe kahle ngoba ubufana nokukhanya kwelanga ngemuva kwemvula enamandla. Uthe washonelwa ngunina ngo-2020, ngemuva kokugula kwaphinde kwadutshulwa uyise ngo-2022.
“Ngishayeke kakhulu ngaphazamiseka emsebenzini wami. U-2024 ube yisona sikhathi engibuye ngaso kahle. Yize bengikhipha kodwa u-2024 yisona sikhathi engibuye ngaso. Ngagulelwa umama ngo-2018 ngaphazamiseka. Kwadutshulwa ubaba ngo-2022 ngathikamezeka.
“Ngo-2024 kudlulile. I-albhamu yami i-Chapter 12 yenze kahle nengoma iLiphakanyisiwe bayayithakasela abantu. Ize yaphuma unombolo 5 emncintiswaneni wengoma ehlukanisa unyaka kuKhozi FM. Ngiyabonga ebantwini ngamavoti,” kusho umculi.
Uthe ufunde lukhulu ngendlela abalandeli bakamaskandi abesekana ngayo futhi uzowasebenzisa amaqhinga abo ngomuso.
Uphethe ngokuthi ulubheke ngabomvu uhambo lwakhe lokuya e-United States of America ngenyanga ezayo okuwumklomelo wokunqoba kuma-Crown Gospel Music Awards.