SIHLWITHWE yintokazi eqhamuka e-Eastern Cape u-Inako Mateza isicoco salo nyaka somcimbi kazime wesintu iNdoni Miss & Mr Cultural SA 2023 obubanjwe okokuqala e-Indoni Eco Village, eRichmond.
Kulo mcimbi obungoMgqibelo, intokazi emele isizwe samaZulu uBagezile Mncube waseNyanyadu, eNewcastle, yena uthathe indawo yesibili.
Kwabesilisa, insizwa yaKwaZulu-Natal, uMxolisi Mkhize, iyona edle umhlanganiso kulo mcimbi.
Yombili le ntsha ehlabene kulo mcimbi izibongela, iveze ukuthi isifundo esithole ngokuhamba lolu hambo ngeke isikholwe futhi izosiza nabanye ontanga yayo ukuthi bayingenele imincintiswani efana nalena.
Kulo mcimbi odonsa izinyanga ukuthi uhlelwe, uqale ngokubanjwa imiviyileyo ehlukeni edolobheni laseRichmond ukukhombisa imfashini, umculo nemidanso yezizwe ezihlukene zakuleli.
UDkt Nomcebo Mthembu ohlela lo mcimbi uveze ukuthi kuyabajabulisa ukubamba lo mcimbi ekhaya labo elisha eliseRichmond.
“Kule ndawo sizokwenza khona amakilasi ethu ahlukene athinta wona kanjalo nomcimbi omkhulu usuzohlala ubanjwa khona. Ngiyababongela kakhulu bonke abawinile futhi siyabonga nakuwo wonke umuntu ohambele lo mcimbi ngokusipha uxhaso. Siyathemba ke eminyakeni ezayo ukuthi abantu bazoyijwayela le ndawo, beze kuyo,” kusho uNomcebo.
Lo mcimbi ubuhanjelwe uNdunankulu wesifundazwe, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uDkt Stella Khumalo osebenza eMnyangweni wamaSiko namaCiko kuzwelonke, uMnuz Jeff Radebe, iMeya yaseRichmond uMnuz Melikhaya Ngcongo, nezinye izikhulu zikahulumeni.
Uhlelo beluphethwe imbongi uLebogang Mashile.
Khonamanjalo: Ubanjwe kwasa ekuseni umcimbi iNkasi Experience nawo okade ungoMgqibelo ePrincess Magogo, KwaMashu.
Kulo mcimbi abantu beqale ukutheleka kule nkundla emini, nokuthe liyozilahla kunina inkundla ibisigcwele iphuphuma abantu bebafuna la oDJ nabaculi abeze ngabo.
Okugqamile ngalo mcimbi ukuthi isasasa lawo liyakhula njengoba abantu bebekanise ngisho ngaphandle, kucaca ukuthi abanawo amathikithi okungena kodwa ukuzwa izingoma ezidlala ngaphakathi kuwona kuyabajabulisa.