SISHUBILE isimo phakathi kwabaculi bakamaskandi, uMzovukile ‘Jaiva Zimnike’ Khanyeza waseMsamu eNquthu nozakwabo uKhawulani ‘Njoko’ Mkhwane waseMshisandlu eNkandla ngenxa yombango wentombazane engumlandeli kaNjoko, uNobuhle Hlongwane waseMangwaneni eBergville.
Ukungahoshelani kukaJaiva noNjoko kucace bha ngesikhathi uJaiva exhawula bonke abantu emcimbini wokwethulwa kwaMantshontsho kaMaskandi, eBusy Corner, eTembisa ngoMsombuluko kodwa waziba uNjoko.
UNjoko uvumile ukuthi uJaiva akamxhawulanga kuMantshontsho kodwa uxhawule uzakwabo uDumakahle kuphela ekubeni bebehlezi ndawonye.
“Bengivele ngikulindele ukuthi ngeke angixhawule mina ngemuva kwemiyalezo ebese ngike ngayibona lapho engibiza khona ngenja kodwa bengithi mhlawumbe phakathi kwabantu ngeke akuveze lokho, uzozenzisa.” Ebuzwa uNjoko ukuthi babangani noJaiva uthe babanga uNobuhle. “UNobuhle intombi yami kodwa siqale ukuxabana kade ngikwiNdlabeyiphika Festival (eyayenziwe yiGcokama Elisha e-Ellis Park Arena eGoli) ngoba ngimsole kaningi ukuthi uthandana noJaiva kodwa uthi ubhuti wakhe. Ngixakwe nayindlela abavela ngayo ezithombeni, bebambene futhi bepholishana. Mina ngazi ukuthi umuntu ngeke apholishe usisi wakhe. Lo mfo ungenza isilima, bayathandana.”
JAIVA Zimnike
UNobuhle uvumile ukuthi ungumlandeli nentombi kaNjoko kodwa waphika ukuthi uyathandana noJaiva. “UJaiva ungubhuti kimi. Inkinga yaqala esithombeni esasishutha noJaiva kuNdlabeyiphika. UNjoko wabuza ngaso, ngasho ngathi besishutha nje khona ngoba kuwubhuti wami. Wathi simenza isilima, siyathandana. Kusukela kudala nje uJaiva wubhuti wami, naye wazi ukuthi ngiwusisi wakhe ngoba singabakwaNgwane sonke kodwa kuNjoko lokho akukholakali.”
Ethintwa uJaiva uvele wabhoka ngolaka wathi ucela ukungafakwa odabeni oluthinta uNjoko ngoba uzama udumo ngaye. Uthe ngeke aphinde ashuthe nezihlobo zakhe ngoba sekuyamkhulumisa.