UMBHALI nomfundi wezincwadi, uLungisani Mavundla, uthe akuwona umdlalo akade ubukwa ngabantu ezinkundleni zokuxhumana la akade eqonywa khona yintokazi yaseNkandla, uNcengani Shezi, odume ngelikaMashudula.
ULungisani waseShowe uqale ngokubonakala enkundleni iTik Tok, eshela uMashudula nokula kuqoqane khona abantu abaningi bebuka ingxoxo yabo.
Ngemuva kwalokho, laba babe sebememezela usuku la bezohlangana khona ukuze kucace ukuthi uMashudula uyaqoma noma cha.
Ekhuluma neSolezwe, uLungisani uveze ukuthi yena usebheke phambili emicimbini ehlukene ezoqhubeka nokukhulisa uthando lwakhe noMashudula.
“Manje kumele ngiye ekhaya kubo ngiyobonga izintombi ngezingenzele khona. Ngizobe sengishiya ipotimende eligcwele izimpahla ukumbonga naye umama. Sijabule kakhulu ngesikwenzele ngabantu njengoba lokhu bengikwenza ngenjongo yokubuyisa isintu futhi ngiyomvezela naye umama ukuthi ngimthanda kangakanani. Mina ngikhule ekhaya obhuti benza izinto ezifana nalezi nami ngathi ngelinye ilanga ngiyothanda ukuyenza into efana nalena ngempela namhlanje ngiyenzile,” kuchaza uLungisani.
Uthe uMashudula akaqalanga ukumbona kwiTik Tok kodwa ikhona imicimbi ayeke ambone kuyo kodwa angakhulumi lutho.
“Ngangiqala ukukhuluma naye kwiTik Tok, futhi angizisoli ngengikwenzile yize abantu sebeveza izinkulumo ezihlukene, mina naye esingeke siziphendule.
“Engingakuphendula nje ilokhu kokuthi besikhankasa, cha uBaba uMtolo besingeke simvimbe uma ethi ufuna ukuba yingxenye yomcimbi wethu, futhi ngalokho ngiyambonga ngiyamhlonipha kakhulu. Bekungakhankaswa laphayana, uyi-ANC ngakho bekumele agqoke isikibha senhlangano yakhe. Mina ngihlale ngisho ukuthi alikho iqembu engicheme nalo uma likhona alivele, angithandi ukuzihlanganisa nepolitiki,” usho kanje.
Uthe izinkundla zokuxhumana kulezi zinsuku zingasiza abantu abaningi ikakhulukazi emkhakheni wamabhizinisi.
Uveze ukuthi intsha kumele izisebenzise, njengoba yena izincwadi zakhe esezifunda khona futhi zithakaselwe abantu abaningi.