UMLINGISI uBrenda Ngxoli uthi yize engakaze acele muntu mali kodwa ubeyidinga ashayelwe yona indishi.
UBrenda usematheni kulezi zinsuku ngemuva kokuphumela obala ngempelasonto ngokuthi unina uvele amemeze athi uyamshaya ngisho engekho eduze kwakhe.
Kwenye i-video ayifakile ubezwakala ejikijelana ngamazwi nonina.
Lokhu kuthinte abantu abaningi omunye wabo okunguMandisi Tshingana kwi-Facebook. NgeSonto uthumelele uBrenda umyalezo kwi-Facebook ethi yena nabangani bakhe bafuna ukumnikelela.
Ufake nemininingwaye yasebhange lapho kushaye uMsombuluko emini ethe sekungene imali engaphezu kuka-R90 000. Ubenameka nobufakazi bemali ebingena kwi-akhawunti athe yonke uzoyidlulisela kuBrenda.
UBrenda uqale ngokubonga bonke abantu abebemshayela nabafikile kubo.
"Ngesinye isikhathi siyakhala ukukhala kwethu kungezwakali. Kuke kwangehlakalela ukuthi ngikhale ngingaziwa muntu. Namuhla kwenze isimanga nina nenze into ebengingayilindele. Okokuqala ningiphe uthando, okwesibili ningilalelile, okwesithathu ngingenelwa yizingcingo zabantu engibaziyo nengabazi. Phambilini bengizothi ‘uyithathephi inombolo yami?’ Namuhla bengingenandaba nokuthi ubani," kusho uBrenda.
Ubonge uThixo ngokuthi uzibonakalisile kuye wamkhumbuza ukuthi ungumuntu futhi uhleli nabantu.
Uthe abhekene nakho ubethi uyofa nakho kodwa "zonke izimfihlo nezilonda ngelinye ilanga ziyovela".
"Mandisi angikathethi nawe kodwa ngiyabulela ngento oyenzile. Bakhona nabanye baningi abebengeseka bengifonela. Ngiyabonga kakhulu. Ngiyazi angizange ngize kini ngicele imali. Ngiyabonga uNkulunkulu uyazi bengiyidinga, ngeke ngiqambe amanga. Bengisacabanga ngizibuza ukuthi ingane ngiyithini. Ngithanda ukunibonga ngamunye ngokungikhumbuza ukuthi Brenda ungumuntu. Ngibonile ukuthi uThixo bengikade ngingamazi kodwa namhlanje uzivezile ngani."