KUPHUSHWA umkhankaso wokuqoqela uMusawenkosi “Musa” Khawula imali yezindleko zabameli njengoba ziqonga izinkinga zakhe nengalo yomthetho kuvuka namacala amadala.
UMusa (32) uzakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana ngokugobhoza ngezindaba zosaziwayo.
Umkhankaso uqalwe kwi-website ebizwa nge-backabuddy ngoMgqibelo. Kuvela ukuthi inhloso yawo wukuqoqa u-R50 000 ezinsukwini ezingu-20.
NgeSonto, bekuseno-R400 ofakwe ngabantu abehlukene abebephonsa o-R20, R30 kanti onikele ngeningi ufake u-R150.
NgoLwesibili, uMusa ubevele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGauteng, ngecala lokuthunaza isithunzi nokungayihloniphi inkantolo. Usolwa ngokubhala ezinkundleni zokuxhumana inkulumo eyehlisa isithunzi sikasomabhizinisi uZesimdumise Nxumalo.
Uzobuyela enkantolo efanayo ngoLwesithathu, ukuyofaka isicelo sebheyili.
Ngesikhathi eboshwa uPhiko lwezokuShushiswa koMphakathi (NPA), lwaveza ukuthi luzosiphikisa isicelo sokukhishwa ngebheyili ngoba enamanye amacala eFree State.
NgoLwesihlanu, uvele eNkantolo yeMantshi yaseFochville, lapho ebhekene khona necala lokuzama ukubulala, ukushayela budedengu, ukungamsizi umuntu nokungabiki ingozi emaphoyiseni.
“La macala kusolakala ukuthi asuka esigamekweni esenzeka ngoFebhuwari 20, 2021 ngabo-6 ntambama, ngaseMponeng Mine. Kusolakala ukuthi ummangali nomkakhe babeshayela beya ekhaya emgwaqweni omncane ngesikhathi bebona i-Volkswagen Polo ipakile eceleni. Umsolwa wayemi eduze kwemoto enqunu ngezansi,” kusho uLumka Mahanjana, okhulumela i-NPA.
Uthe izithandani zasondela kumsolwa zamtshela ukuthi usendaweni okungamele abe kuyo.
“Bathi uma bejeqeza ngaphakathi emotweni ummangali, uthi wabona enye indoda isuka esihlalweni sangemuva iya kwesangaphambili igqoka. Ngemuva kokujikijelana ngamazwi phakathi kukammangali nomsolwa, umsolwa kuthiwa wabuyela emotweni wahamba nokwathi uma efika lapho kuphela khona umgwaqo wajika. Kuthiwa wabe eseshayisa ummangali, owayemi eduze kwasesicabheni somshayeli emotweni yakhe, wabaleka washiya ummangali elimele phansi.”
Kuthiwa amalungu e-Community Policing Forum ayehamba emgwaqweni ofanayo athola ummangali elimele abe esetshela amaphoyosa. Umsolwa waboshwa esethaveni eseduze wavela enkantolo ngoFebhuwari 22 ngo-2021, lapho aphuma khona ngebheyli ka-R1 000.
Kuthiwa wahluleka ukubuyela kabili enkantolo, ibheyili yadliwa uMbuso, kwakhishwa nencwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe.
Icala lihlehliselwe uFebhuwari 5, ukuze afake isicelo sebheyili.