SEKUNEZINGQUQUKO ekuqulweni kwecala lokushaya elibhekene nomculi wegqom,’ uBongekile “Babes Wodumo” Simelane-Maphumulo, eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Namhlanje kuphinde kwahlehla ukuqulwa kwalo ngenxa yokungahambisani kommeli kaBabes, uThula Mlondo, nokukhonjiswa kwe-video yengxabano yekhasimende lakhe nomsiki wengqephu, uPhilile “Philly” Mhlongo, okuyisigameko esenzeka ngoMashi 12 nyakenye.
Leli cala kwakufanele luqulwe izinsuku ezintathu, ngoJanuwari 13, 14 nomhla ka-15 kodwa kwahlehla ngenxa yokugula kukaMlondo. IMantshi uNtokozo Myeni noMshushisi uNtokozo Ngema bavumelana ngokuthi leli cala libuye liqulwe ngoJanuwari 23 no-27 bese liphothulwa ngoFebhuwari 7 kodwa namhlanje zibuye zaguqulwa izinsuku.
IMantshi, uMshushisi noMlondo bavumelane ngokuthi kuqulwe icala phakathi kwelinye icala ngoFebhuwari 21 ngenxa yokuthi uMlondo ushaya amakhala nge-video.
NgoLwesine uPhilly, ongummangali kuleli cala ,watshela inkantolo ukuthi ngesikhathi ehlaselwa nguBabes nonogada kanye nabadansi bakhe endaweni asebenzela kuyo ngoMashi 12 nyakenye, isigameko sasiqoshwa ngamakhamera akuWest Walk, eThekwini.
Uthe esefikile ungoti obezodlala i-video namhlanje, uMlondo waphikisana nokudlalwa kwayo kwase kuba nokuqagulisana phakathi kwakhe nemantshi nomshushisi. Imantshi igcine seyiphuma nesinqumo sokuba icala lihlehlele kuFebhuwari 21 kulo nyaka, kuze kuba izinhlangothi, okungolukammangali nolukammangalelwa, zinikezwa ithuba lokuphikisana ngaphambi kokuphunywa nesinqumo sokuthi i-video iyakhonjiswa noma qha.
UBabes ufakwe enkantolo nguPhilly weSK Dee Designs ngoba emsola ngokumshaya nangokumhlambalaza ezinkundleni zokuxhumana nasemsakazweni.
Kulokhu uBabes, ongaphandle ngesixwayiso, utheleke ehamba nabanye abantu besilisa abangadumile.
Ubeswenke ngezinwele ezisa-orange, isikibha esinemikhono emide sengwe kodwa esi-maroon, ibhulukwe (track pant) lakwaPuma elimnyama eligqize ngombala obomvu namateki ayiphuzi.
UPhilly ubegqoke isikibha esimhlophe, ibhulukwe eliwukhakhi nama-sleepers, wabe esebopha izinwele ngemuva. Enkantolo uBabes ubelokhu ezishayisa umoya ngezandla ngenxa yokushisa obekukhipha inhlanzi emanzini. Lapho kuhlala khona izithameli bekusashaya umoya.