SIBHEKWE ngabomvu isiphetho sokuthi ubani ozokhala amuke nemali ewu-R2 million ohlelweni i-Big Brother Mzansi ezophethwa ngeSonto.
Isiqephu sokugcina okulindeleke ukuthi sidonse amahora amabili kulindeleke ukuthi kubhekwe emuva la uhlelo lusuka khona kuze kube manje njengoba sekusele abahlanu.
Ohlelweni lwangeSonto kusale uKarabo “Jojo” Sejojo (22) waseBloemfontein, Uyanda Hlangabezo (23) waseGqeberha, Fortunate “Nate” Sebata (26) waseLimpopo, Nsuku Mabunda (29) naye waseLimpopo no-Akhonamathemba “Sweet Guluva” Mbele (23) waseNquthu.
Kube sekukhonjwa indlela uSiphesihle, Mshini no-Abobo.
Ezinkundleni zokuxhumana kube nomsindo ngokuphuma kukaMshini njengoba abanye bebethi bebelindele ukuthi le ntokazi yaseZola, eSoweto, ibe ngabanye abazoba semjahweni wabazohamba nesamba semali.
USmash Afrika ongumethuli walolu hlelo ukubeke kwacaca ukuthi leli sonto ngeke libe lula kwabasele njengoba bezokwenza imidlalo ehlukene ukubuyisela imali ebilokhu iphulwa ngenxa yezinto akade bezitshelwa uBig Brother.
Uphinde waveza ukuthi ukuvotela ozowina kuvulwe ngalo usuku lwangeSonto, emuva kokuphela kohlelo.