UZONGCWATSHWA ngoLwesithathu (namhlanje) umculi wokholo uNeyi Zimu, odlule emhlabeni ngeledlule emuva kokuxinwa yisifo somdlavuza wesikhumba.
Emasontweni adlule kwavela ukuthi uNeyi ubambekile nokwaholela ukuthi amalungu e-EFF noMengameli wawo uJulius Malema athi aya ukuyombona esibhedlela iBaragwanath. Kuthiwa uMalema waze wacela ukuthi abantu bambeke emthandazweni ngoba wayegula kakhulu.
Emuva kwalokho nabaculi bokholo abahlukene babelokhu beqhubeka nokucelela lo mculi imikhuleko okwaze kwaba nomkhuleko, amaciko ahlukene emkhulekela ngaphambi kokuqala komcimbi wamaCrown Gospel Awards.
Izolo kuqale ukuba nezinkonzo zesikhumbuzo zalo mculi eGoli.
Imenenja yakhe uMathew Nkabinde, ithe amabandla ahlukene azobamba izinkonzo ukukhumbula lo mculi.
“Izinkonzo ziqale ngeSonto emabandleni ahlukene e-All Nations Revival Ministries eCenturion eGoli, enye ibiseSebokeng Technical High. NgoMsombuluko (namhlanje), kuzoba nezinye ezimbili njengoba kukhona ezoba seChange Bible Church eKatlehong ezoqala ngo-12 emini enye ibe seVereeniging Civic Theatre yona ezoqala ngehora leshumi ekuseni,” kusho uMathew.
Uthe inkonzo yomngcwabo izoba seHouse of Treasures Ministries eGoli, izoqala ngo-8.30 ekuseni.
UNeyi uzakhele igama kwabaningi ecula eqenjini lomculo wokholo iSpirit of Praise.
Ingoma eculwa uyena ethi Jehova Retshepile Wena abaningi abazomkhumbula ngayo.
Emngcwabeni kaNeyi kulindeleke ukuthi kugcwale abaculi bomculo wokholo abecula nabo nabanye asebenze nabo kule ndima.