WEHLELWE yisibalo sabalaleli umsakazo ongenisa inzuzo KwaZulu-Natal.
Izibalo zakamuva ziveza ukuthi Igagasi lilahlekelwe ngabalaleli abangu-104 000, phambilini belinabalaleli abangu-1.7 million kodwa manje sebengu -1.6 million.
Kubukeka kuzoba nzima ukuthi lo msakazo ufinyelele ku-2 million njengoba ungakaze usondele kulesi sibalo selokhu waqala.
UKhulekani Shandu, okhulumela Igagasi FM, uthe wehle kancane. Uphinde wakhala ngokuthi sincane isikhathi abantu abasichitha beseduzane komsakazo.
“Lokhu ngeke kushintshe okuningi njengoba Igagasi kuseyiwona umsakazo ozimele omkhulu kuleli futhi ngisho sesiqhathaniswa nezingaphansi kukaSABC sibambe indawo yesikhombisa ngabalaleli,” kusho uKhulekani.
Umsakazo iVuma FM, ukhombise ukukhula okukhulu njengoba ubunabalaleli abangu-188 000 ngekota ephelile kodwa kule ufinyelele kubalaleli abangu-239 000.
Umsakazo ohamba phambili uKhozi FM, ukhule ngesivinini esikhulu njengoba ngekota ephelile ubunabalaleli abangu-7.3 million, kule kota ufinyelele kubalaleli abangu-7.5 million.
Ukukhula koKhozi akukho kuphela kubalaleli njengoba kuyisiteshi esihamba phambili ngokulalelwa e-Afrika.
I-East Coast Radio yehle kancane njengoba ibiku-1.033 million kodwa manje seyiku-1.032 million njengoba nayo yehlelwe isibalo, neMetro FM inyuke kancane kule kota.
Emisakazweni yomphakathi KwaZulu-Natal Izwi Lomzansi likhombise ukukhula njengoba lisuke ku-109 000 lafinyelela ku-121 000.
Inongoma FM nayo inyukile njengoba isuke ku-90 000 yafinyelela ku-102 000.