Page lead
UTHOLE "umgosi“ enyangeni ngokubulawa kwelungu lawo umndeni waseTsheni, eNtunjambili okuthiwa libulawe nguthishanhloko ebelijola naye.
Umufi uNksz Nokukhanya Danisa (29) obenza unyaka wokugcina ezifundweni ze-Information Technology (IT) eDurban University of Technology (DUT) kuthiwa udutshulwe wafa ngoJanuwari 21.
Isigameko kuthiwa simehlele ebuya esitolo sendawo. Kuvela ukuthi uhlaselwe ehamba nomunye umakhelwane, ngumuntu wesilisa ovele wabaqhamukela ngemuva, wadubula umufi yedwa amahlandla amaningi ekhanda.
Emva kwesigameko kuthiwa kwabonakala umsolwa egijima eyongena kubo kathishanhloko okuthiwa ufundisa kwesinye sezikole eziseKranskop, kuMasipala waseMvoti.
Ilungu lomndeni uNksz Lindile Danisa lithe bebeyofuna usizo enyangeni ngokufa kukadadewabo ngesikhathi inyanga ibatshela okushaqisayo ithi bekufike owesilisa obezofuna usizo ngecala lokubulala owesifazane ofanayo.
"Uze wasitshela nokuthi owesilisa obezofuna umuthi uthe unguthishanhloko waze wabalula nesigodi nendawo ahlala kuyona okuyindawo efanayo nale esihlala kuyona,'' usho kanjena.
Uchaze ubudlelwano bukamufi nomsolwa njengobebuneziwombe zokuhlukumeza.
Esiwombeni sakamuva uthe uthishanhloko washaya umufi waze wangakwazi ngisho ukuhamba. Kuvela nokuthi wake wamshisa ngamanzi abilayo.
"Ubehamba ngezinduku umbulala nje ubesaxhuga. Wayekade emshaye ngoNovemba ngemuva kwalokho wamthulisa ngokuthi uzomlobola ngoDisemba 16,'' kuchaza yena.
Uphinde wachaza umsolwa njengomuntu obengadlulwa siketi. Wenze isibonelo ngokuthi unezingane eziyisithupha azizale komakhelwane nasezihlotsheni zikamufi.
Uthe bebenengwa nawukuthi umsolwa umshiya ngeminyaka ewu-17 umufi okuyigebe abathe likhulu.
Uveze ukuthi umsolwa ubenengane ecishe ilingane naye umufi.
"Okunye esikutholile okusidinayo ukuthi umsolwa ubebuye aboleke imali ye-NSFAS kumufi,'' kusho yena.
Uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi kuze kube yimanje umsolwa akakaboshwa. Uveze nokuthi umufi udutshulwa nje ngayizolo wayekade exabane nomsolwa kodwa akanalo ulwazi lokuthi babebangani.
Udalule nokuthi baqala ukujola ngo-2014 umufi eneminyaka engu-17 efunda u-matric. Uthe umazisi kamufi awutholakali basola ukuthi isoka lakhe lawuyisa komashonisa liyoboleka ngawo imali.