KUZOTHINTEKA izifunda ezinkulu ezinamadolobha amakhulu KwaZulu-Natal, ngokumiswa koxhaso lwaseMelika lokulwa nesandulela ngculazi i-HIV.
Lolu xhaso olumiswe izinyanga ezintathu njengoba lusabuyekezwa, lizothinta izifunda eziyisikhombisa okubalwa neTheku.
Lolu lwazi luvezwe nguNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi, izolo, ekhuluma emhlanganweni wekomiti lezeMpilo ePhalamende.
Uthe: “Ezinye zezifunda ezizoshayeka kubalwa iHarry Gwala, King Cetshwayo, Ugu, Umgungundlovu, uThukela neZululand. Kuzoshayeka nabasebenzi bakulezi zifunda ngokumiswa kwalolu xhaso.”
UMotsoaledi ubekhuluma ngoxhaso olumiswe nguMengameli waseMelika, lokusiza ezinhlelweni zokulwa ne-HIV.
Uthe nakwezinye izifunda ezikuleli zizothinteka ngokumiswa kwalolu xhaso. Uveze ukuthi kwabangu-63 million abantu bakuleli, abangu-7.8 million baphila neHIV.
“Bangu-15 154 abasebenzi abakhokhelwa yiPepfar ngaphansi kwalolu hlelo. Izifundazwe ezizoshayeka kakhulu yiGauteng ngabangu-6 090, KZN ngabangu-3 079, ne-Eastern Cape ngabangu-1 585. Yizona zifundazwe ezizothinteka kakhulu ngokumiswa kwalolu xhaso,” kusho uMotsoaledi.
Uthe banabo abasebenzi abaqashwe ngumnyango abaqhubeka nezinhlelo zokulwa negciwane.
“Bangu-256 452 abasebenzi abaqhubekayo nalo mkhankaso, awumile lo msebenzi ngenxa yokuthi kumiswe uxhaso lwaseMelika. Isifundazwe esinabasebenzi abaningi abakulolu hlelo abakhokhelwa nguhulumeni baseGauteng kanti bangu-78 685. Kulandela iKZN ngabangu-59 673 ne-EC ngabangu-31 438,” kuqhuba uMotsoaledi.
Uthe onyakeni wezimali ozophela bachitha u-R46.8 billion ohlelweni lwemishanguzo yokulwa neHIV.
“Le mali izonyuka onyakeni wezimali ozoqala iye ku-R48 billion. Uhulumeni nguyena ofaka imali enkulu ezinhlelweni zokulwa negciwane,” kusho uMotsoaledi.
Ubalule nokuthi bayalele izifundazwe ukuthi zenze izinhlelo zamanje nezesikhashana ukuze kungabi nezinkinga zokuthi abantu abasayitholi imishanguzo yabo.
“NgoMsumbuluko sihlanganile nenxusa laseMelika ngalolu daba loxhaso. Sikwenze lokhu nakuba singakayitholi incwadi esemthethweni mayelana nokuthi kuzomiswa lolu xhaso,” kuqhuba uMotsoaledi.
Uthe basukumele lolu daba emuva kokuba lezo zikhungo ezixhaswe yiMelika, ziveze ukuthi zathola izincwadi zizazisa ngokumiswa koxhaso okuzoshaya nabasebenza kuzona abangeke bahole.
Abasebenzi abazothinteka abangeke bahole abangaphansi kohlelo lwaseMelika, kuthinta odokotela, abahlengikazi, osokhemisi, abaluleka ngaleli gciwane nabanye abasebenzi.