AYIKHO into emhlabe umxhwele njengokulingisa indawo ayiphila nasempilweni yakhe yangempela umlingisi osanda kujoyina Uzalo.
ULindiwe Dube waKwaDlangezwa, eMpangeni, udlala indawo yokuba u-Aunt Sheila kulo mdlalo okhonjiswa kwi-SABC1 phakathi nezinsuku ngo-8.30 ebusuku.
U-Aunt Sheila ngowesifazane osiza izingane eziyizintandane, azinakekele, azigade, aziphe ukudla futhi azikhombise nothando.
Empilweni yakhe yangempela ungumsunguli wenhlangano engenzi nzuzo, iLindzwa Foundation, enakekela izingane ezevile ku-200, ezivela emakhaya adla imbuya ngothi.
“Ngijatshuliswa ukuthi ngidlala indawo engiyiphilayo empilweni yami yangempela. KuZalo ngibizwa ngo-Aunt Sheila, KwaDlangezwa ngibizwa ngo-Aunt Lindiwe,” kusho uLindiwe.
Uthe kufezeke iphupho ngokudlala kulo mdlalo njengoba besekuneminyaka enesifiso sokuba yingxenye yawo.
Uthe aboZalo baqale ukukhombisa ukumthanda ngoSepthemba nyakenye ngesikhathi kuthiwa akenze inhlolokhono yenye indawo eyayifuneka ngaleso sikhathi.
Uthe ngenxa yamathizethize kwabuye kwathi nya, wangabe esayidlala leyo ndawo.
“Kuze kwaba ngifonelwa omunye umlingisi, uMthandeni Mbambo, osehambe ibanga elide kwezokulingisa, engitshela ukuthi angilunge ngoba aboZalo bafuna ngizolingisa indawo ka-Aunt Sheila,” kusho uLindiwe.
ULindiwe akamusha kwithelevishini njengoba aqala ukubonakala kwi-Durban Gen ngo-2020 eyisiguli, wavela kwi-Shaka Ilembe ewumuntu omdala emndenini wakwaNdwandwe, waphinde wabonakala nakuMkhokha elingisa indawo ka-Aunt kaMkhululi.
Uveze ukuthi usazobonakala nakwi-My Brothers Keeper.