NKOSIKHONA CELE
BADEDELWE ngebheyili ka-R5 000 umuntu ngamunye abangu-12 abasolwa ngokuhlahlela abesilisa abahlanu bababulale bebasola ngokuhlalisa lubhojozi umphakathi waseBhambayi, eNanda. Bakhululwe yiNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, izolo.
Sebebonke laba basolwa bangoMnuz Aphelele Nhlanganiso, Qondokwakhe Jama, Linda Mthembu, Sibonelo Ntshangase, Mmeli Makhubalo, Sandiso Godagoba, Aphelele Hlengwa, Sipho Manqele, Zanemvula Mlotshwa, Nkululeko Mhlabezulu, Zolani Zwide noBongani Nkabinde.
Laba basolwa ngokuthi yibona ababengobhongoza ngesikhathi umphakathi wakule ndawo uvuka umbhejazane ngoJanuwari 16, ubulala abahlanu.
Ababulawa kulesi sigameko ngoMnuz Ayabongwa Maduna, Buhle Dweshu, Nhlakanipho Ngubane, Yongema Zingwe noSenze Lemese.
Laba babesolwa ngokuthi babegqekeza ezindlini balimaze abantu, bebe nempahla baphinde badlwengule abantu besifazane. Izidumbu zabo zalahlwa enkundleni yezemidlalo yakhona eBhambayi.
Nakulokhu enkantolo, umphakathi wakule ndawo ubuphume ngobuningi bawo uzokweseka abasolwa. Ubucula ngaphandle kwenkantolo.
Kube nokuhhumuzela ngaphakathi enkantolo kumalungu omphakathi ngesikhathi imantshi imemezela ukuthi bazodedelwa ngo-R5 000.
Amalungu omphakathi abezwakala enganelisekile ngalokhu. Kudingeke ukuba imantshi ibachazele ukuthi kungani ibheyili yabo ifinyelela kule mali.
Ibatshele ukuthi laba babhekene namacala abucayi okufaka phakathi awokubulala, awokuzama ukubulala nelokuthumba. Ithe lawa macala uma umuntu ededelwa kuwona ngebheyili imali ayibi ncane.
Okhulumela umphakathi waseBhambayi, uNksz Blessing Nyuswa, uthe kubajabulisile kakhulu ukuthi ekugcineni bathole ibheyili laba ababesekayo.
Uthe ukudedelwa kwabo ngebheyili kubathobe amanxeba.
''Sijabule kakhulu ukuthi inkantolo ikwazile ukuthi ibanikeze ibheyili bonke abantu bethu. Lokhu kusho lukhulu ngoba besikhathazekile ngokuboshwa kwabo,'' usho kanjena.
Uthe bazohlangana nomphakathi ukubheka umhlahlandlela ocacile mayelana naleli cala.
Ugcizelele ukuthi ngabe akuzange kufikwe kulesi sahluko ukuba amaphoyisa aseNanda ayebalalela uma bekhala ngokuhlaliswa lubhojozi yizigebengu kule ndawo.
Uveze ukuthi isenkulu impi ephakathi kwamalungu omphakathi nezigebengu zaseBhambhayi njengoba ethe bathola izinsongo zokuthi le mpi ayikapheli, kuseyisiqalo nje.