UMASIPALA waKwaDukuza uveze ukuthi usuvale yonke imali ephuma kulo masipala emva kokuthi bethintwe i-ABSA ngokukhishwa kwemali yomkhandlu ngendlela esolisayo.
Kuthiwa imali entshontshiwe ibalelwa ku-R35.7 million ikhishwe ngokungemthetho amahlandla amabili okuvezwe umbiko webhange othunyelelwe lo masipala emva kwesehlakalo.
Kuphinde kwahlaluka ukuthi eminye imizamo yokukhipha imali eningi imisiwe ngesikhathi uphiko lokukhwabanisa lwangaphakathi ebhange lubuze kumasipala ukuthi unolwazi yini ngokwenzekayo. Kuvele ukuthi zonke izikhulu zikamasipala zisebumnyameni kwase kumiswa ukusebenza kwe-akhawunti ngokushesha.
Ngokwesitatimende esikhishwe yilo masipala sithe lesi sehlakalo senzeke ngoJanuwari 31.
"Uphiko lwebhange lakwa-ABSA elibhekelele ukukhwabanisa luxhumane nomasipala lisazisa ukuthi kukhona ukukhishwa kwemali okusolisayo okwenzekayo kwi-akhawunti kamasipala, sibe sesiyalela ibhange ukuthi lokho kukhishwa kwemali okusolisayo abakumise.
"Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo olwenziwe nguMasipala waKwaDukuza, kuvele ukuthi kungenzeka ukuthi kube nokukhishwa kwemali okungagunyaziwe kwi-akhawunti yasebhange kamasipala, kusolwa nokuthi umuntu owenze lokhu ubehlose ukuphazamisa imininingwane yasebhange kamasipala futhi ephule izinhlelo zezezimali ukuze ekwazi ukungena kwi-akhawunti yasebhange eyinhloko kamasipala," kusho isitatimende.
Sithe ngenxa yobucayi balesi sehlakalo umasipala unezinyathelo ozithathile
"Ngokuqaphela ubunzima bomthelela walesi simo, izikhulu zikamasipala zibe sezithatha izinyathelo ezahlukene ezisheshayo zokumisa ukukhishwa kwale mali ngokunghemthetho, okubalwa kuzo ukuyalela ibhange i-ABSA ukuthi livimbe futhi livale noma yiphi imali ephuma kwi-akhawunti nanokuthi kuvulwe icala esiteshini samaphoyisa KwaDukuza ngosuku okwenzeka ngalo isigameko," sisho kanje.
Sithe okwamanje lolu daba lusaphenywa yibhange okuzothi emva kwalo uphenyo libe seliluleka umasipala ngomphumela wophenyo lwabo.
Okhulumela uMasipala waKwaDukuza, uMnuz Sfiso Zulu, uthe umbiko owethulelwe imenenja kamasipala emhlanganweni wamakhansela izolo, uveze ukuthi ibhange lisaphenya ngalolu daba.
"Asikakabi naso isamba semali esiqinisekisiwe futhi njengoba udaba lusaphenywa nophenyo lungakaphothulwa, ngeke siqagele noma sisole ukuthi kungaba ubani noma obani abenze lokhu. Amakhansela athathe isinqumo sokuba ngaphezu kophenyo olwenziwa yibhange lakwa-ABSA, nomkhandlu kumele uqashe inkampani ezimele ezophenya," kusho uZulu.
Uthe amakhansela aphinde anquma ukuthi lolu daba lubikwe eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu nakuMcwaningi maBhuku Jikelele.
Uphinde waveza ukuthi bakhona abasebenzi bomkhandlu abagunyazwe ukuthi bakhokhe egameni lomkhandlu. Uthe ngokubhekelela ukuphepha kwabo angeke bawadalule amagama nezikhundla zabo kwabezindaba.
Khonamanjalo: UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, usigxekile lesi senzo zokuntshontshwa kwezigidi zemali.
Esitatimendeni uveze ukuthi ubhalele iMeya kaMasipala waKwaDukuza, uMnuz Muzi Ngidi, ecela umbiko mayelana nalezi zinsolo okumele ulethwe engakapheli amahora awu-48. UMphathiswa uphinde waqinisekisa umphakathi waKwaDukuza ngokuthi uMnyango uzithathele phezulu lezi zinsolo.