UXINEKILE ngokwempilo omunye wabasolwa ecaleni lokubulala ngesihluku isihlobo, maqede basigqiba ethoyilethi lomgodi eMolokohlo, eNdwedwe.
Lokhu kuhlaluke eNkantolo yeMantshi yaseNdwedwe, izolo, ngesikhathi kulindeleke ukuthi bobabili abasolwa, abazalanayo, bafake isicelo sebheyili.
UMnuz Enock Cele ongumsolwa wesibili, okuvele ukuthi uxinwe wukugula ejele, nendodana yakhe uMnuz Sabelo Cele, engumsolwa wokuqala kuthiwa babulala uMnuz Nkosikhona Vilakazi ngoJulayi 21, nyakenye.
Isidumbu sikamufi kuthiwa basifaka ethoyilethi lomgodi, base bediliza izindonga, bezama ukulahla umkhondo.
Kuthiwa umufi wayenyamalale eya esitolo, isidumbu sakhe esase sonakele saze satholwa ngo-Agasti 24, sesikhonjwa yibo abasolwa.
Kuthiwa basikhomba emva kokuthi umphakathi ubikele amaphoyisa ngokuthi kukhona ilungu lomphakathi eliveze ukuthi umufi wabonakala enomunye wabasolwa, wase enyamalala.
Enkantolo izolo, ubekhona uSabelo, ekulungele ukuqhubeka nesicelo sebheyili, nokho uMbuso ucele ukuthi kungaqhutshekwa naso, kuze kuba ukuthi usifaka kanye noyise ngoba basolwa ngecala elifanayo.
Ummeli wakhe uthe okucelwa uMbuso kunyathela amalungelo kaSabelo njengoba kungaziwa ukuthi uyise, okuthiwa useze walaliswa nasesibhedlela sasejele, uzosinda nini.
Inkantolo igcine ilihlehlisela uFebhuwari 14 icala, yathi ngalolu suku, uSabelo uzoqhubeka nesicelo sakhe, ekhona noma engekho uyise.
Ibuye yathi uyise useyosifaka esakhe isicelo uma eseluleme, esekwazi ukuza enkantolo.
USabelo ubezimisele ngehembe elimnyama elinemikhono emide, nebhulukwe eli-cream. Ubelokhu ezibhekele phansi.
Ngaphandle kwenkantolo umndeni kamufi uthe nakuba wazi ukuthi kuyilungelo lakhe umsolwa ukuthi afake isicelo sebheyili kodwa ufisa angayitholi.
Okhulumela umndeni, uMnuz Mzi Vilakazi uthe: “Inkantolo ingalinge idedele laba bantu ngebheyili ngoba sizizwa singaphephile.”
Uthe njengoba beboshiwe nje, bazizwa bephephile kakhulu futhi nobugebengu endaweni ebebevele besolwa ngabo (abasolwa) bunciphile.