BBAJABULISE okokugcina abantu abebehambele umcimbi iCotton Fest ngoMgqibelo beyiDistruction Boyz, uThobani “Que” Mgobhozi noZipho “Goldmax” Mthembu.
Lezi zinsizwa ezizakhele igama zifika emculweni igqom’ zikhiphe isitatimende zitshela abantu bakuleli ukuthi ngeke zisasebenza ndawonye njengoba sezifuna ukuzimela.
Bese kuneminyaka bobabili bengakhiphi i-albhamu bendawonye, okuthe ngo-2021, bakhipha ingoma ethi As’bhenge Sonke.
Esitatimendeni abasikhiphe ngokuhlanganyela, baveze ukuthi basacela abalandeli babo babavumele bacule ngokwehlukana, hhayi njengeqembu.
“Sizobuyela maduzane kodwa okwamanje sithanda ukubonga uxhaso enisikhombise lona eminyakeni edlule. Sicela nisivumele sithathe ikhefu ekubeni yiqembu, iDistruction Boyz, esazi kahle ukuthi yiqembi enilithandayo, ukuze sizimele emikhakheni. Lokhu sizokwenza isikhashana,” kusho isitatimende.
Abalandeli baleli qembu bazwakalise ukuphoxeka bezwa lezi zindaba, babuza imibuzo ehlukene ngokuholele kulesi sinqumo.
U-@prettylil_icy uthe: “Niyasithembisa ukuthi nizobuyelana?”
U-@Bhelelkhulu uthe: “Kungani bafowethu, yimali inkinga noma yini?”
@Mthoffy1 uthe: “Awu lapho bengithi nizokhipha ingoma noma i-albhamu maduzane.”
Abanye bathe bebengazi ukuthi leli qembu lisekhona.
U-@fanzitos uthe: “Kanti benisekhona emculweni?”
U-@Ibelievehim uthe: “Bengingazi nokuthi nisawenza umculo ngokuhlanganyela.”