UMLINGISI weDurban Gen uNelisiwe Sibiya uqokwe emunxeni omusha weBest Traditional Social Media Influencer kumaSouth African Traditional Music Awards(SATMA), abethulwa ngokusemthethweni eThe Ridge Hotel, eMalahleni, eMpumalanga ngoMgqibelo.
Lo mlingisi uqokwe ngokuzigqaja kwakhe ngokuba yibhinca njengoba evamise ukwenza ama-video enza izinto zesintu ezinkundleni zokuxhumana. Uqhathwe nomngani wakhe uBrighton Shandu, Zamambo Mkhize, Bafana Mthembu, Aubrey Skhosana, Tinyiko Khoza, Faith Mgobhozi, Thando Mahlangu nabanye.
Isikhulu esiphezulu kumaSATMA, uZandile Nzimande, sithe okwenze basungula lo munxa ngenxa yenjabulo yokubona indlela abantu asebeziqhenya ngayo ngesintu sabo.
“Ama-Influencer abevele ekhona kodwa kugqanyiswa kakhulu izinto zesilungu. Sibone kufanele ukuthi nathi sibe nawo umunxa walolu hlobo ogxile ezintweni zesintu ngoba bezibukelwa phansi phambilini,” kusho uZandile.
Uthe kuningi abantu abazokujabulela kulo nyaka njengoba belande noSolwazi Patrick Lumumbo waseDRC of Congo ozobe ezofundisa kabanzi ngomculo weReggae.
Kweminye iminxa uBheka Mchunu woKhozi FM uqokwe emunxeni weBest Traditional Radio Presenter of the Year. Ubambene noGudlabatshakazi woMhlobo Wenene FM.
Ngesikhathi kwethulwa amaSatma, kunandise amaqembu engoma ehlukene, umculi uNomfundo Moh noKarabo. Obephethe uhlelo usomahlaya uMduduzi Ntuli.
Umcimbi omkhulu uzoba ngo-Okthoba 1 khona esifundazweni iMpumalanga.