ODLE umhlanganiso kwi-Indoni Miss Cultural SA, uThabsile Mthethwa, uthe ubezoquleka ukube kuphumelele omunye umuntu kulo mqhudelwano wezintokazi ebezimele izizwe zakuleli e-ICC eThekwini ngoMgqibelo
. “Bengizolandwa abezimo eziphuthumayo sengilele phansi ukube angiwinanga. Phela bengazi kahle ukuthi ngiwuphumelele ngamalengiso lo mqhudelwano. Bese ngiyolanda umklomelo wami nje qha.”
Uthe obekumenza abe nesiqiniseko sokuthi uzowina yindlela abezilungiselele ngayo nokuthi ubesekwenze konke okudingekayo.
“Akekho noyedwa ebengimsaba kulaba ebesiqhathwe nabo.”
Nezithameli eziningi bezichwaza uma sekungena noma kumenyezwa igama likaThabsile.
Lesi simomondiya sasesigodini saKwaManqele, eMandeni, siklonyeliswe ngomfundaze kaR100 000.
“Ngibonga kakhulu kubantu abangivotele, ikakhulukazi kubantu baKwaZulu-Natal nasesikoleni ebengifunda kuso.” UThabsile (18) uthe ngalo mfundaze uzokwenza izifundo zeRadiography e-University of KwaZulu-Natal ngonyaka ozayo njengoba enesiqiniseko sokuthi uzophumelela ngamalengiso ezifundweni zikaGrade 12 abezenza eMpoqabulungu High kulo nyaka. “Empeleni ngisakhula bengibukela kudadewethu omdala uNomusa owenza izifundo zobuhlengikazi kodwa ukuhlangana noDkt (Nomcebo) Mthembu kungigqugquzele ukuba ngibe wudokotela.”
BEKUDLISA umculo wesintu e-ICC konomcimbi weNdoni
UThabsile uyingane yesine ebantwaneni abayisithupha bakaNkk Thandi uKaMathonsi noMnuz Musa Mthethwa.
KwiNdoni ulandelwe ezithendeni yintokazi ebimele isizwe samaMpondo, uSiphesihle Madlaphu, othole umfundaze kaR50 000. Ohlwithe isicoco sobuNxusa beNdoni Miss Cultural SA kube yitshitshi ebelimele isizwe samaNdebele, uBuhlebendalo Ntuli. Ibhungu lomVenda, uKhaarendwe Makhabo, uhlabane kumunxa weMr Ubuntu. Intokazi ebimele isizwe samaSwati, uSenziwe, ithathe isicoco seCommunity Project ngomqondo wakhe wokufukula indawo yangakubo. Ngaphandle kokuthi izintokazi bezichaza ukuthi yini eziyifundile ngesikhathi zicijwa ngongoti bamasiko kodwa zibuye zakhombisa izithameli ukuthi abesifazane bezizwe ezahlukene asebendile bagqoka kanjani.
Umsunguli weNdoni uDkt Mthembu uthe kulo nyaka babuye baxhaswa ngabakaFord nenkampani yaseChina ngezimoto. Umemezele ukuthi bazokwethula inkundla yabo yezokuxhumana.
ABANTU bebekuthakasela ukubona ukuthi izizwe ezahlukene ziyishaya kanjani ingoma
UNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko kwaZulu-Natal, uBongi Sithole-Moloi, umncome kakhulu uDkt Mthembu ngokuhlanganisa izizwe ukuze kuphele ukucwasana. “Kithi umkhwenyana wami wayebizwa ngesilwane, nami emzini bengibiza ngeTebele.” Uthe kusemqoka ukuwugoba umuthi usemanzi ukugwema lesi sihlava sokubandlululana kwezizwe. Uhlelo lwalo mcimbi beluphethwe ngobunyoninco ngusonkondlo osemidwayidwa uLebo Mashile kanti izithameli bezibuye zizitike ngolozolo lomculo wenkakha ye-Afro soul, uRingo Madlingozi.