EMUVA kwesikhashana esingatheni aphumela obala ngokudivosa umculi wokholo wakuleli, kwavela izindaba ezimnandi zokuthi ukhulelwe kanti muva nje, useveze ukuthi uthathiwe kule mpelasonto.
Intandokazi yomculo wokholo uWinnie Mashaba unameke isithombe sakhe ehleli ecansini sakugoya. Kulesi sithombe uswenke waconsa waze wahloniphisa ngetshali okukhombisa ukuthi uyashada ngokwesintu. Ubesephelezela lesi sithombe ngombhalo ezithakazela okukubeke kwacaca ukuthi usethathiwe.
"Isizukulwana saBanareng neDitlou, umakoti waBakwena," kuloba uWinnie ekhasini lakhe lakwi-Instagram.
Lezi zindaba zijabulise abaningi ezinkundleni zokuxhumana.
"Ngiyakubongela ndodakazi yami, ngiyakujabulela kakhulu," kusho uMaNgcobo.
"NgiwumXhosa impela kodwa uNkulunkulu ujabhisa abathakathi. Ikhona impilo emuva kwedivosi," kusho uNgcwele Nancy.
"Isibonelo sangempela sokuthi uma sekuyisikhathi esifanele ngento. Ngiyakubongela," kusho uMs Porcupine.
"Akekho ofanelwe yilokhu ngaphandle kwakho sisi," kusho uNthabiseng Goepekgatla.
"Ngiyakubongela, akekho ongamelana nesikhathi sikaNkulunkulu," kusho uVeema Mpeezy.
"Ngiyakubongela sisi uNkulunkulu, awubusise umndeni wakho," kusho uMonchusi Rejoice.
Yize uWinnie ephumele obala ngomendo kodwa akazange amdalule nakancane umyeni omusha.