USOMAHLAYA uPastor Mjosty ushaya ibuya emculweni ngemuva kokuhlaba ikhefu.
Ekhuluma naleli phephandaba, uthe ufuna ukujabulisa abalandeli bakhe zindawo zonke njengoba ezokwethula i-video yengoma yokholo entsha ethi Kanye Nawe ayicula ne-Avante.
Le video uthe uzoyethula ngempelasonto endaweni yobumnandi iCubanita Pub and Grill Showe.
UMjosty uthe into ebisamenze wathatha ikhefu emculweni wukuthi ubesafuna ukugxila ekulingiseni.
“I-albhamu yami yokugcina ngagcina ukuyikhipha ngo2012 njengoba amafilimu ami nemidlalo yethelevishini bekuyiyonto ebengisabheke kuyo kakhulu. Ngesikhathi somvalelandlini ngithathe isinqumo sokuthi ngibhale ingoma yokholo engiyenze neqembu lomculo wokholo i-Avante. Le ngoma kumanje yenza izimanga emsakazweni nasezinkundleni zokuxhumana abantu bayithakasele kakhulu njengoba ike yadlisa abantu beyicula,” kuchaza uMjosty.
Uthe ukhethe ukuya eShowe, ngenxa yokuthi bakhona abalandeli bakhe nakhona afuna ukuyobajabulisa.
“Le ngoma ingenzele izimanga njengoba ihamba kahle ezingomeni ezidlalwa kakhulu emisakazweni yakuleli. Ngihlele ukuthi ngoNovemba ngikhiphe i-albhamu ephelele nezobe ifolosa ngezingoma ezigcwele amahlaya, kwezinye kuzobe kukhona nezinesigqi sama-piano njengoba ngenzile kule ephumile,” kuchaza yena.
Uthe emkhakheni wamahlaya nakhona usekhona njengoba kukuningi akuhlelayo ngalo mkhakha nomfowano uLimo, aseqalile ukusebenza naye.