IMBONGI yaseThekwini, uNtokozo "Sngqazu" Ngcobo, ithole ingqayizivele yethuba lokubamba iqhaza emcimbini wokukhumbula iSilo saKwaDukuza eLinder Auditorium, eNyuvesi iWits eGoli, ngoSepthemba 24 ngo-3 ntambama.
USngqazu, owayenguQueen Ibanathi kwiFalakhe noQueen Nandi kwi-Nandi The Musical, uyena ozobe ethatha izithameli ezibeka ngeLembe kuleli dili lomculo we-opera, INkosi uShaka Heritage Day Concert. Uthe kuyinto enkulu kuye ukunikezwa lo msebenzi ongaka wokudingida umlando wombumbi wesizwe samaZulu. Kulo mdlalo ozobe uxoxwa ngomculo kuboshelwe iJohannesburg Philharmonic Orchestra, umzwilili waseThekwini uSiphokazi "Nonzwakazi" Maphumulo kwi-soprano, uReinaldt Tshepo Moagi kwi-tenor no-Andile Sibalukhulu kaMdlovu Dlamini kwi-baritone.
Lo msebenzi usungulwe futhi wadidiyelwa yingwazi yakuleli kodwa edabuka eCanada, uWarren Bessey. USngqazu uthe kube yinjabulo enkulu kuye ukuvunywa kwekhono lakhe yinkakha ewuWarren nomkayo, uChalone Savant.
"Ngiyabonga ngaleli thuba elingandele bani enginikezwe lona lokuba ngiphilise lo msebenzi omkhulu kangaka okhuluma ngempilo yeNkosi uShaka nokuqhakambisa ukunotha kwesiko namagugu ethu," kusho uSngqazu. Ibhendi yezimfijoli izobe ibhidiswa wuDaniel Boico.
Uthe okunye okuhle ngalo msebenzi ukuthi uwuthole ngenyanga agubha ngayo usuku lokuzalwa, okusho ukuthi uyisipho sakhe.
Esephetha, uthe lo nyaka umphathe kahle kakhulu njengoba ebuya emcimbini wokwethulwa kwencwadi yakhe i-Amaloba The Traces eChina ngesonto eledlule, lapho abehambisana khona noDkt Gcina Mhlophe, uXoli Zion Vilakazi, uCebo Ngema nabanye.
*Amathikithi ekhonsathi kaShaka atholakala eQuicket ngo-R100 kuya ku-R300.