INGWAZI yomculo kamaskandi, uThokozani "Somnandi" Langa, izogubha iminyaka ewu-30 nge-albhamu ewushuni ohlukile. Leli cwecwe, elisihloko sithi 30 Years of Somnandi, lizophuma ngalolu Lwesihlanu.
UThokozani (52) wasoLundi uthe okwenze wakhipha i-albhamu ngale nyanga yingoma azibula ngayo esihloko sithi Izindaba, ayikhipha ngoSepthemba 1994.
Muva nje uThokozani ukhiphe unqambothi lomucu oshisa izikhotha kulezi zinsuku nocashunwe kule-albhamu osihloko sithi Thokoza. Abantu babheme bakholwa njengoba leli noni selidlalwe amahlandla angaphezu kuka-100 000 kwiYouTube.
UThokozani uthe i-30 Years of Somnandi ihlukile kwamanye amacwecwe awu-29 ngenxa yokuthi ushintshe isitayela futhi uphinde wasebenza nabaculi abaningi abahlukahlukene.
Kubaculi ababoshelwe kulo msebenzi kubalwa uLuve Dubazane, uSkhumba STS, Mzukulu, Jaiva Zimnike, Sabelo Day Music, Nomfundo Fufu, Gatsheni nabanye.
"Ngibuye ngalanda uBonakele okuyintokazi engisebenze kakhulu nayo, bekungelula ukuthi ngimshiye njengoba sengiqeda u-30."
Uthe uyazi ukuthi kunabantu ebesebezitshela ukuthi abasasebenzisani kanti akunjalo.
UThokozani uthe okumenza alokhu esezingeni njengoba esaqashwa emicimbini futhi nomculo wakhe usadlalwa emisakazweni, wukuthi wenza umculo ohambisana nezikhathi kodwa akasilahli isigqi adume ngaso ngoba kusenabantu abasakholelwa kuso.
Mayelana nokungcweka, uthe akakaze wakuthanda ngoba akadunyiswanga yikho kodwa ubephonselwa inselelo ngozakwabo.
UThokozani uthe usezogxila ekufukuleni nasekuvumbululeni ikhono elisha.
"Ngithole ukuthi oLundi siphethe lonke ikhono, kusukeka kwabadidiyela ingoma kuze kubaculi futhi sekunenqwaba yezitudiyo. Konke lokho kudinga sikuqhakambise."
UThokozani usewole inqwaba yemiklomelo, okubalwa kuyo amaSatma namaSama.