UMREPHA oyisihlabani somculo we-Afro soul, uJabulani "Sjava" Hadebe, unyelwe yinyoni esandleni njengoba sekuzoba nezingxabulela zesikhumba eziqanjwe ngaye.
USjava uzokwenza lo msebenzi ngokubambisana nenkampani esineminyaka ikhiqiza izicathulo zalolu hlobo, i-Omega. Igcagcele esokeni kuSjava njengoba ekhule ezifela ngalezi zingxabulela ezidunyiswe ngabantu abangamabhinca.
Ebuzwa ngalezi zicathulo, uSjava uthe izingxabulela zakhe ezezizukulwane ezihlukahlukene.
Oyisikhulu sakwa-Omega, uMlindelwa Ndlovu, uthe bakhethe uSjava njengenxusa lalezi zicathulo zabo ngenxa yokuthi baqaphele ukuthi uyazifela ngemikhiqizo yakwa-Omega.
Uthe babe sebexhumana noSjava bavumelana ngokusebenza ngokubambisana.
Uthe bakuthasele ukusebenzisana nosaziwayo ozifelayo ngemikhiqizo yabo kunokusukela nje umuntu ngenhloso yokuba ayikhangise emphakathini ngoba enabalandeli.
Esephetha uthe izicathulo zikaSjava zizoqala ukutholakala ngokuzi-order ku-www.omegafootwear.co.za kusukela ngoJulayi 1 kanti ezitolo zizotholakala ngo-Agasti 1.
Abanye osaziwayo abangamanxusa ezicathulo zaakwa-Omega ngoBig Zulu noYoung Stunna.
Kulindeleke ukuba uSjava aqhamuke ezigqokile izingxabulela kwiSibuko Tour ePlayhouse Opera Theatre, eThekwini, namhlanje ngo-7 ebusuku. Uzosuka lapho abhekise amabombo eJoburg Theatre eGoli ngoJulayi 12 no-13.