UKUHLEKWA kwezinsizwa zesizwe samaZulu ukuthi azisokile sekusukumise usomahlaya oyinxusa lomkhankaso obizwa nge-Right To Care ukuba ligqugquzele ukusoka.
USimphiwe Shembe (38), odabuka eMpangeni, uze waqopha ifilimu emfishane, esihloko sithi Ukusoka-Circumcision ngenhloso yokugqugquzela abantu besilisa ukuba basoke yize kungekho siko lesintu abaligcinayo.
“Ngihambela izikole, imitholampilo, ezikhungweni zemfundo ephakeme nasehholo lomphakathi waseNseleni.”
Lesi silomo sithe siyayazi le nto esikhuluma ngayo njengoba naso saze sasoka sesineminyaka ewu-29.
USimphiwe uthe ukusoka kunciphisa amathuba okutheleleka kwabantu besilisa ezifweni ezitholakala ngokuya ocansini.
Eqhuba, uthe kuphephile futhi akunazinhlungu ukusokwa ezikhungweni zikahulumeni ezisemthethweni.
Kwenzeka lokhu nje, uSimphiwe uyingxenye yosomahlaya abazonandisa kwi-South Africa's Best Comedy Experience eJo’burg Theatre, ngoSepthemba 22 kusukela ngo-3 ntambama.
Kulo mcimbi uzobe eshiyelana inkundla noFelix Hlophe, Tumi Morake, Skhumba Hlophe, Mashabela Galane kanti uhlelo luzobe luphethwe wumlingisi woZalo, uSimphiwe Majozi. USimphiwe uthe kuhlale kuyintokozo ukushiyelana inkundla nabantu abaseqophelweni elifanayo nelakhe ngoba yilapho abantu bethola khona ithuba lokubona ukuthi ngubani ozinikeza isikhathi ekubhaleni nasekucikozeni ngezinga eliphezulu.
"Kunomehluko oba sobala phakathi kosomahlaya bemicimbi nosomahlaya abashiyelana inkundla nabanye osomahlaya. Umehluko wukuthi uyakuzwa ukukhula nokuzimisela ekubhaleni kosejwayele ukusebenzisana nabanye, kunalona ohlezi esebenza emicimbini ngoba lapho kusuke kungebona abantu abakukhokhele ukuzobuka amahlaya akho kepha basuke bezele ukudla kanti kukhona nawe," esho maqede aphele yinsini.
"Okuchaza ukuthi abasukelanga wena emakhaya abo. Lo mehluko ungamncane kwabanye kepha mkhulu kubathandi bamahlaya."
Esephetha, uSimphiwe uthe abantu abalindele ukuhleka nokufunda "ngoba kubanzima ukuba yimina kuphela, uma noLizwi ephakathi kwethu."
Kulo mcimbi kungenwa ngo-R250 kuya ku-R350.