USONKONDLO ongumculi we-Afro soul, uNontsikelelo "Ntsiki" Mazwai, uthe akudikizi inqulu ngezinsongo ezenziwe ngowayengumphathi wakhe, uVusi Leeuw.
UNtsiki uqale ngokusola uLeeuw ngokumxhaphaza nokudla amandla akhe ngesikhathi besasebenzisana. Ubhale kuTwitter (osubizwa ngeX) ukuthi uLeeuw wakhokhela amakhophi e-albhamu yakhe kodwa wanqwaha ne-mastercopy yayo.
"Wabe eseya e-warehouse ngaphandle kwami, wayothatha isitokwe sami. Emuva kweminyaka ngabe sengithola ucingo eBassline, luthi banesitokwe sami. Ubenamahhovisi khona. Akayikhokhanga imali yerenti futhi wabaleka kanjalo. Ngesikhathi kuhlanzwa ihhovisi lakhe, bathola isitokwe, babe sebengibiza ukuba ngizosilanda. Yidlozi lami-ke lelo," kusho uNtsiki.
Lo mrepha usho kanje emuva kokusolwa kukaDJ Sbu ngokudla amandla kaZahara ongasekho.
Ethintwa uLeeuw uvele waphendula ngencwadi ebhalelwe uNtsiki ngummeli wakhe, uRudolph Baloyi wenkampani iRudolph Baloyi Inc ngoDisemba 13. Kule ncwadi ummeli ubethi uLeeuw uthi uNtsiki umqambela amanga, umbheca ngobende ekubeni engaluthanga mbibi.
Ummeli ube esenqumela uNtsiki ugwayi katiki ukuba asuse umbhalo wakhe futhi axolise kuLeeuw kungakapheli amahora awu-48 kusukela ngoDisemba 13.
"Lezi zinsolo zingamampunge, ziyingozi futhi zehlisa isithunzi. Zicekela phansi isithunzi sekhasimende lethu endimeni yezokungcebeleka, elisisebenzele ngokuzikhandla iminyaka engaphezu kuka-20," kusho incwadi yommeli kaLeeuw Isolezwe elinayo ikhophi yalo.
Esikhundleni sokuthobela umthetho, uNtsiki ube esenza i-video maqede wayinameka ku-Instagram.
Eziphendulela kule ncwadi okuthiwa uyibhalelwe ngabameli bakaLeeuw, uNtsiki uthe ubezitshela ukuthi lolu daba uzoluziba kodwa usezolunaka ngoba uyabona ukuthi luyaqonga.
"Lo mlisa ugijimele emthonjeni yezindaba eyokhuluma ngegama lami. Akunacala lokuhlambalaza engivulelwe lona okwamanje. Angikaze ngihlambalaze muntu. Angikaze ngavulelwa icala lokucekela phansi isithunzi somuntu. Le ndoda efuna ukubukwa ngegama lami, wumuntu engangisebenza naye futhi esaba nobudlelwano obumuncu naye. Ngicabanga ukuthi ubona kungamele ngikuveze ukuthi sasinobudlelwano obubi futhi kumele ngiwuhlabe inhlali ukuthi wangiphatha kanjani. Nginelungelo lokukhuluma engikuzwayo, ngakho ngeke ngibhozomelwe futhi kunamanye amacala engivulelwe wona. Ngaphandle kwalokho, konke kungihambela kahle."
Ebuzwa uLeeuw ukuthi zikhona yini izinyathelo abasazozithathela uNtsiki njengoba esephelile amahora ababemnqumele wona, kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli.
ULeeuw waKwaNdengezi, ePinetown, ungumakadebona emculweni njengoba abamba iqhaza empumelelweni yoToya Delazy, DJ Bongz, HHP, TKZee, Mandoza nabanye.
UNtsiki waduma kakhulu kwiDJ Fresh House Flava 4 ngengoma ethi Urongo. Usanda kuboshwa wuDJ Fresh ngezinsolo zokukhuluma kabi ngaye.