ISIHLABANI somculo kamaskandi, uSenzo "Ntencane" Zondi sibopha abaculi abangonina bezingane zaso futhi sifuna basihlawule ngoR1 million uma bengazihoxisi izinhlamba abasithuke ngazo ezinkundleni zokuxhumana. Isolezwe ngoMgqibelo liyibonile incwadi ebhalwe wummeli kaNtencane ebhekiswe kuNombuso "Ms Levels" Gcabashe wodumo kwiLion King noNcomile "Ivulandlela" Msomi kodwa odume ngeleSlay-bhinca kwiKhuvethe Zulu Comedy.
Ngokwencwadi yommeli ebonwe yiSolezwe ngoMgqibelo, izintokazi zisolwa ngokuhlambalaza uNtencane ezinkundleni zokuxhumana nemenenja yakhe, uMandisa Dlamini. UNtencane usolwa ngokungondli nokuhlukumeza ngokushaya onina bezingane, uma befuna imali yesondlo.
UMandisa wubehlanjalazwa ngezitho zomzimba wakhe. Okubuye kwacika uNtencane noMandisa yingxoxo kaMs Levels noVulandlela ababe nayo kwiBlacklife TV Youtube Channel lapho beshiye abangalazi ngoNtencane.
Ummeli, uMnuz SB Mkhize weSB Mkhize Attorneys, unqumele ugwayi katiki uMs Levels noVulandlela ukuba bayihoxise yonke imibhalo ebebeyibhala ngoNtencane noMandisa futhi babhale izixoliso, bese bezifaka kuzo zonke izinkundla zokuxhumana. "Lezi zixoliso zenu kufanele zihlale kuze kuphele izinsuku ezingekho ngaphansi kwezingu-31. Uma nehluleka wukwenza lokho sizonithathela izinyathelo zomthetho ngokunivulela icala lokwehlisa amakhasimende ethu isithunzi, bese futhi sinifuna inhlawulo kaR1 million," kusho incwadi yommeli.
UMs Levels uvumile ukuthi bazitholile izincwadi. "Isono sethu wukufuna kondliwe izingane zethu. Uma sikhuluma noNtencane uvele asiqhoshele ngentombi yakhe entsha. Bekufanele kodwa sixolise abantu sebelazi iqiniso," kusho uMs Levels wodumo wodumo lwengoma ethi Vele Ngiyamthanda, oke wacula noNtencane.
UVulandlela uthe yena ukhathele nguNtencane ngoba usephoqwa ukuba athi uyondla futhi akamshayi. "Uyazi wangishaya ngaze ngabuya esibhedlela. Nginezithombe (zalokho) nengane usayondle kane yize seyinonyaka nezinyanga ezintathu. Into ayaziyo wukuyonikela emizini yabantu," kusho uVulandlela wengoma ethi Kuyobamnandi. Eziphendulela uNtencane uthe unezingane ezinhlanu kodwa abanye onina bazo kabasho lutho. Usole laba baculi ngokufuna udumo ngegama lakhe.
"Njalo bayangithuka uma kukhona ababona ngikwenza. Balwa nempumelelo yami. Mina ngiyazondla izingane zami, ngisho imisebenzi ingekho njengoba kuvalwe izwe. Ngikhipha leyo engisuke nginayo. Kwesinye isikhathi kuba wuR3000 noma uR1000 ngokulinganayo ezinganeni zami zonke. Laba bafuna nginikeze izingane zabo zodwa." Uthe nguye kuphela owondlayo futhi owakhayo kubo, ukhokhela nezimoto.
"Ukuvalwa kwezwe kusilimaze sonke kodwa bafuna ukungcolisa igama lami, ukuze ngilahlekelwe ngabaxhasi. Uma benza kanje ngizogcina sengingakwazi nokukhipha nalabo R1000 engibazamayo." Uthe uMs Levels noVulandlela balwa naye ngoba esahlukana nabo.