UKUPHELELWA umsebenzi akazange akuvumele kumise impilo yakhe owesifazane waseThekwini, osephenduke intandokazi yabaningi ezinkundleni zokuxhumana.
UNkk Lindiwe Khumalo waKwaMashu kodwa osezinze eHazelmere, isonto lesithathu leli engene ezinkundleni zokuxhumana kodwa usephenduke undabuzekwayo ngamahlaya akhe.
UNkk Khumalo eqala nje evula umlomo udedela ihlaya ngisho noma ngabe elandisa ngesimo esinzima abhekene naso kodwa wenza kungabi lula ukuthi umdabukele.
Ukuba ngumama wezingane eziyisithupha okubalwa amadodakazi amathathu namadodana amathathu, kwamenza wazinikela ekubeni umama.
UNkk Khumalo uveze ukuthi wayefuna ukuqinisekisa ukuthi uba ngumama oqotho ezinganeni zakhe.
Ukuphela komsebenzi wokushayela i-fork lift, kwamenza wadonsa kanzima empilweni kwaze kwangenela isilomo somculo wokholo, uBabo Ngcobo.
"Ngezwa emsakazweni kukhulunywa ngenhlolokhono yabalingisi yeBlack Brain ezoba seBat Centre eThekwini, ngabikela uBabo wangipha u-R900. Ngafike ngahlungwa kwathiwa sengiyoshayelwa ucingo angingayilahli inombolo abanginike yona. Udumo lwamanje lusuka kuma-video akade engiqopha wona uBabo. Ubevamise ukuwafaka kuWhatsApp kodwa ngokuwafaka kwiTik tok neFacebook ngavele ngaduma kakhulu," kusho uNkk Khumalo.
Uma ehamba ukhiye awusali esandleni, inombolo 95 ayithola kwinhlolokhono, isikhwama esincane nezaza okuyizinto adume ngazo namahlaya awaqhululayo.
UNkk Khumalo uthe akadingi nokucabanga kakhulu ngamahlaya ngoba usuke exoxa ngezigigaba azibona nsuku zonke, okwenza iningi labantu limthande ngokukhuluma iqiniso.
La mahlaya aseqalile ukumsebenzela njengoba sekukhona nabamumema emicimbini yabo ehlukene, okubalwa ozoba seMtuba naseMgungundlovu maduze.
Isifiso sakhe esikhulu ukuthola amachwane ezinkukhu nembewu ukuze aqale ibhizinisi njengoba ephila ngesibonelelo sesondlo sikahulumeni sika-R1020 wezingane zamawele.
Ukufeza iphupho lokulingisa uyabona ukuthi sekusondele futhi uzimisele ngokuhambela nanoma iyiphi inhlolokhono evelayo.
Uma esekhaya engekho matasa ukhonze ukufunda Isolezwe alalele nemisakazo ehlukene.