UTHOLE ithuba lokumaketha ingoma yakhe entsha ethi, Ijele ngesikhathi emuka nendondo ebalulekile enesamba sikaR500 000, umculi kamaskandi uKhuzani Mpungose kumaKZN Entertainment Awards e-ICC, eThekwini ngoLwesibili ebusuku.
UKhuzani uthathe indondo yeMost Loved, ebinemali eningi. Uphinde wathatha neyeBest Maskandi. Kule miklomelo nguyena kuphela oqukule izindondo ezimbili.
Ezibongela umaskanda uthe: "Lo nyaka owejele, ophikayo akaye kobhukuda olwandle abone ukuthi ngeke yini alale ejele," kusho uKhuzani.
Lokho ubekususela esimemezelweni sikaMengameli Cyril Ramaphosa, othe bazoboshwa abazobhukuda olwandle ngezinsuku ezithize njengoba ezovalwa amabhishi ukunqanda ukubhebhetheka kweCovid-19.
Uphinde wathatha neyeBest Maskandi, okwenze wahambela phezulu ngoba lokho bekusho ukungena kwenye imali ephaketheni njengoba zonke izindondo zihambisana noR100 000.
Yize le miklomelo ibiqala ukuba khona nonyaka kodwa ibisezingeni elicokeme futhi ihloniphekile. Okuphinde kwayenza yahlonipheka ukufika ngobuningi kosaziwayo ngokunjalo nabebeqokiwe njengoba iningi labawinile lizilandele lona izindondo esteji.
Ubuhixihixi obube khona nobudale ukuthi kungamenyezelwa ngesikhathi esifanele kwendondo yeBest Male TV presenter okuwine kuyona uRobert Marawa, Best Female TV presenter okuwine kuyo uPearl Thusi neyeBest Maskandi Artist okuwine uKhuzani. Zonke zimenyezelwe sekuvaliwe.
USihlalo wemiklomelo uXolani Majozi uxolisile ngephutha, wathi lokho kudalwe ukuthi bekuphuthunywa isikhathi njengoba umengameli ememezele ukuthi akumele kube nabantu abazobonakala bewuvanzi kusuka ngo-10 ebusuku.
Uhlelo belusingethwe ngobunono wuPearl Thusi ebambisene noSomizi Mhlongo-Motaung. Phakathi kwabathole izindondo kubalwa uThandeka Dawn King, Pearl Modiadie, Tha Simelane, Mzokoloko, Simphiwe Majozi, DJ Happy gal, Xolani Majozi nabanye.
Kwabanandisile bekukhona uNasty C, Sjava, Big Nuz, Lvovo Derrango noZakes Bantwini, Dumi Mkokstad, Malini, DJ Kotin noSneizy, DJ Bongz, Babes Wodumo nabanye.
Selulonke uhlu lwabanqobile lumi kanje:
Newest Find: Sithelo the DJ
KZN Most Loved: Khuzani
Event of the Year: Impucuzeko
Best Promoter: Dogg Durban
Special Achievement Award: Black Coffee
Special Achievement Award: DJ Tira
Special Achievement Award: Ladysmith Black Mambazo
Special Achievement Award: Mbongeni Ngema
Coolest Hangout Spot: Eyadini Lounge
KZN Most Loved Cousin: Bonang Matheba
Best Entertainment Writer: Charles Khuzwayo
Best Maskandi: Khuzani
Best Telenovela: Imbewu
Best Club DJ Female: Sithelo the DJ
Best Producer: Mondli Ngcobo
Best Club Male DJ: Dlala Thukzin
Best Female Artist: Nomcebo Zikode
Best Male Artist: Sjava
Best Radio Presenter Female: Jacinta Ngobese
Best Radio Presenter Male: Tshatha Ngobe
Best Comedian: Siyanda Maphumulo
Best Female Actress: Dawn Thandeka King
Best Male TV Presenter: Robert Marawa
Best Female TV Presenter: Pearl Thusi
Best Male Actor: SK Khoza