UMCULI wowokholo futhi ongumsakazi, uKhaya Mthethwa, ugonyuluke ngobunzima abhekene nabo bokuphila impilo engamanga.
Ekhuluma esiteshini seYouTube noMpoomy Ledwaba, uKhaya uhlambuluke ngokuthi njengamanje kusenamadimoni asalwa nawo amenza angaphili impilo eyiqiniso.
Uthe into enzima alwa nokuyinqoba ngukuba neqiniso ngempilo yakhe njengomholi afuna abe yisibonelo endodaneni yakhe.
"Eminyakeni embalwa eyedlule ngaba nephupho elimbi lapho kwakunombhalo owawukhuluma ngokuthi ngizenza kanjani umuntu engingesiye."
Uthe lokho kwamvusa kwamenza wabona ukuthi uma abantu babengabona ukuthi uwuhloboluni lomuntu uma eyedwa, kunalo muntu azenza yena uma ephambi kwabongeke kwalunga.
Uthe umuntu ophila impilo engesilo iqiniso yiloyo owenza into azi kahle ukuthi ayihlangene nale nto ayiphilayo.
UKhaya uthe uhlale ethandaza kuMoya Ongcwele ukuba ungamholeli endaweni okungafanele abe kuyo.
Ubuye waveza ubuhlungu adlula kubo ngesikhathi ehlukanisa nowayenguMiss SA ka-2016, uNtandeyenkosi Kunene. UKhaya noNtandeyenkosi bathatha isinqumo sokudivosa ngo-2019 emuva kweminyaka emibili beshadile sebeze babusiswa nangomntwana.
UKhaya uthe kwaba yisigameko esibuhlungu ukwedlula zonke empilweni yakhe futhi angafuni nangephutha siphinde simehlele.
"Ngesikhathi kwenzeka lokhu, kwakuyisikhathi somvalelandlini. Sahlukana maqede kwaba nomvalelandlini. Ngadliwa wumzwangedwa izinyanga eziyisishiyagalombili," kusho uKhaya osakaza kwiKaya FM futhi oseke waba nohlelo kwiMetro FM nakwiMzansi Magic.
Lo mculi owanqoba kuma-Idols SA ngo-2012, uthe abantu babekhuluma ngapha nangapha kanjalo nemithombo yezindaba yayingazibekile phansi.
"Ngiyabonga kuNkulunkulu ngoba ngangingeke ngiye esontweni ngoba ngangiyofumbeka phansi."
Uthe wagcina ephoqeleka ukuba aphile ngamaphilisi okulwa nokhwantalala.
"Ngikhumbula ngisocingweni nobaba, sengiphila ngamaphilisi nangokuhlala ngilele, ubaba wathi kufanele ngithathe isinqumo ngempilo engifuna ukuyiphila. Nguwena lo manje? Kulungile uma kunguwe. Kufanele uthathe isinqumo sokuvuka uzithathe wenze okuthize ngokwenzekile noma uzolokhu uzifihla. Uzoba ngubaba noma cha."
Uthe wenza izinguquko ezinqala njengokukhuluma iqiniso ngamaphutha akhe, waxolisa kwabonile futhi wayeka nokuzikhohlisa.
"Iqiniso linzima. Kunesikhathi engangizibuka esibukweni ngingakuthandi engangikubona."
Uthe umuntu ayesenguye akafuni ukuphindela kuye.
Uthe usezelwe kabusha futhi useyakholelwa emshadweni futhi uyakukhuthaza ukushada ngoba unenkolelo yokuthi umshado ugcotshwe wuNkulunkulu.
Uthe akusabalulekile kuye ukuthi uyamthanda yini umuntu ofuna ukushada naye kodwa okumqoka wukuthi uzimisele yini ngokundlala impilo yakho.
Ayiphumelelanga imizamo yeSolezwe ngoMgqibelo yokuthola ukuphawula kuKhaya.