UQOLOTHAKAMANGO wombhali uZakes Mda, uthi abantu abasha yibo abazokhulula iNingizimu Afrika esizukulwaneni sabo esigubazelwe yinkohlakalo.
UZakes ukusho lokhu izolo ngesikhathi ehlonishwa ngeziqu zobudokotela kwiPhilosophy in Visual and Performing Arts yiDurban University of Technology. Umcimbi wokuthweswa iziqu ubukhonjiswa kwiYouTube ngoba ubungasingathwa bukhoma ngenxa yeCovid-19.
Uthe oyise babo babeyisizukulwane sokuteleka belwela amalungelo nabo balwela inkululeko. Uthe ngebhadi isizukulwane sabo sibe sesiholwa yinkohlakalo futhi simatasa sibulala izwe.
"Yini enizokhulula leli zwe esizukulwaneni sethu. Angikhathazekile ngani ngoba niyazilwela nikhahlela iminyango ebivaliwe phambilini," kusho uZakes.
Uthe abantu abasha babamba iqhaza kwezobuciko emazweni omhlaba. Ubalule umsiki wengqephu uLaduma Ngxokolo welebuli iMaxhosa, indodakazi yakhe uMpumi Mda onamateki iLong Walks by African Minions, Nomzamo Mbatha, Trevor Noah, Thuso Mbedu, Black Coffee, Nasty C, Pretty Yende nabanye.
Uthe uzizwa ethobekile ngokuhlonishwa ngalezi ziqu zobudokotela.
"Bengingathanda ukuba sesikhungweni mathupha ngoba ngisikhumbula kahle isikhathi esimnandi engaba naso eminyakeni emithathu edlule ngesikhathi ningimemile."
Uthe wathola izincomo ezinhle kwizitshudeni ngesifundo sakhe asenza ngomlando wase-Afrika, ohlanganisa iNubian Kingdom of Kush, Aksum Empire, Swahili Coast, Yoruba empire neminye.
"Ngiyajabula ukusho ukuthi emuva kokwamukelwa kahle yizitshudeni zaseDUT, sengithathe isinqumo sokusilula leso sifundo sibe yincwadi i-A Ruler, A Journey Into 10 Ancient African Civilization. Izokwethulwa ngoJulayi. Inhloso ukubheka umlando wase-Afrika abangawufundiswanga abafundi."