UDJ odabuka eMlaza, uNkosinathi "Black Coffee" Maphumulo, uqokwe emqhudelwaneni wamazwe ngamazwe i-Ibiza DJ Awards 2024.
UBlack Coffee uqhathwe emunxeni we-Best Afro noFrancis Mercier, uKelvin Momo, uThemba (DJ Euphonik), iMajor League DJs, uKilimanjaro, uKitty Amor noPablo Fierro.
Yize engatholakala uBlack Coffee ukuze aziphawulele kodwa iMajor League DJs ikhiphe isitatimende lapho ithe kusho lukhulu kuyo ukumela iNingizimu Afrika ezingeni lomhlaba.
Njengoba isiqubulo sakulo nyaka salo mqhudelwano sithi "Ubumbano", iMajor League DJs, okuyiqembu elakhiwe uBanele noBandile Mbere, ithe sikhuluma nabo ngoba nanoma yikuphi lapho behamba khona behlale beshumayela ivangeli lobumbano.
Bathe basebenzisa umculo njengethuluzi lokubumba izizwe nezinhlanga ezahlukahlukene.
"Ukuqokwa kufana nokufezeka kwephupho. Besihlale sikholelwa emandleni omculo wase-Afrika ekuhlanganiseni abantu. Kithi ukuqokwa kusho ukuthi sesinqobile. Lokhu akusho ukunqoba kwethu kuphela kodwa kwanoma yiliphi iciko eliqhakambisa umculo wakuleli zwekazi," kusho isitatimende saleli qembu elakhiwe ngamawele.
Ukuvotela omunye walaba abaqokiwe kulo mncintiswano oteketiswa ngele-Oscars of Electronic Music, ungena kwi-website: https://djwards.com/vote-overview.
Abadle umhlanganiso bazomenyezelwa emcimbini ozobanjelwa eChinois, e-Ibiza, eSpain ngo-Okthoba 2.