YIZE kukhalwa ngapha nangapha ngokudlula emhlabeni kwenkakha emculweni we-Afro pop, uWinnie Khumalo, kodwa obesondelene kakhulu naye akaneme ngokungakhathalelwa kwalo mzwilili usaphila.
USabelo "Ntombeningi" Sithole, utshele izintatheli zeSABC News ukuthi uzibonele ngawakhe ephalaza igazi elinamahluli ngaphambi kokushona endleleni ephuthunyiswa esibhedlela iChris Hani Baragwanath eSoweto ngoLwesibili ngabo-11 ekuseni.
Uthe uWinnie ushone esengumtshing’ ubethwa ngubani.
"Kubuhlungu ukuthi amaciko anganakwa, bezowanaka engasekho. Anginandaba ukuthi ubani uthini. Imboni yobuciko yenzele phansi inqwaba yamaciko, ikakhulukazi abantu abayibekile induku ebandla njengomam'uWinnie Khumalo. Uyihambile le ndlela, safunda kuye singamaciko. Kubuhlungu ukubona abantu abakhulu kule ndima yezobuciko sebefika manje kwakhe sebezothi 'singalekelela kuphi?". UNtombeningi uthe into elimaza amaciko ukuthi afela ngaphakathi.
"Kuze kwaba wusuku lokugcina eyedwa, enakekelwa wuRethabile nathi izihlobo nabangani, sazi ukuthi udlani." Nakuba kunjalo kodwa obenguphrojusa wakhe uSello Chicco Twala uthe wayegcine ukuba naye ngeSonto futhi waze wamlalelisa izingoma zakhe ezintsha, okukhona neyakhe uChicco kodwa uWinnie aseyenze kabusha.
Uthe indima ilahlekelwe kakhulu ngoba uWinnie uyena obehamba ezinyathelweni zendlovukazi ye-Afro pop engasekho uBrenda Fassie kangangoba waze wasebenzisa yena engomeni kaBrenda ethi Mina Ngiyohlala Nginje ngesikhathi eyenzela umkhankaso we-ANC.
NoDJ Cleo uthe ubexhumana noWinnie futhi uze wambizela ohlelweni lwakhe kuRadio 2000 ngenhloso yokuqhakambisa umculo wakhe. Lolu hlelo uludlale ngoLwesihlanu ngoba esekhumbula leli qhawekazi elaqala ukubeka induku ebandla ngenoni elalithi Hey Laitie ngeminyaka yo-1980.
Bekungubani uWinnie Khumalo?
UWinnie (51) uzalelwe eMofolo North, eSoweto ngoJulayi 20, 1973. Wakhuliswa ugogo wakhe.
Wafunda eVuyo Lower Primary, wadlulela e-Siyalwini Higher Primary ngaphambi kokuphothula uGrade 12 eMncube Senior Secondary.
Ungene kanjani emculweni?
Wangena emculweni eneminyaka ewu-15 futhi wavelela ngenoni elalithi Hey Laitie. Wabe esesebenza noChicco. Ngeminyaka yo-1990 wakhuza ibuya nge-albhamu yokholo eyaphrojusa uPastor Langa Dube eyayithi Izono Zami. Kusukela lapho ube esesebenza nezihlabani eziningi okubalwa kuzo oBrenda, Pure Magic, Sipho Mbele, Brothers of Peace, Bongo Maffin, Zonke Dikana, DJ Cleo nabanye.
Akagcinanga ekuculeni kuphela kodwa nasekulingiseni uyibekile induku ebandla njengoba egcine esedlala kwiMuvhango, Mponeng nasemafilimini kaChicco, uMadluphuthu.
Uke wahlaba ikhefu kwezokungcebeleka esagxile ekukhuluseni izingane zakhe.
Imiklomelo
Wabuya eseshisa izikhotha ngenoni elithi Live My Life ngo-2009. Lo mucu wahlabana ngeGold Disc ngokudayisa amakhophi awu-25 000 futhi waze waqokwa nakwiRecord of the Year kumaSouth African Music Awards nakumaChannel O Awards. Ubeqhubeka nokusetshenziswa emisebenzini obekuhlonishwa ngayo uBrenda ngenxa yokufana kwamazwi.
Uke wayidlala indawo emdlalweni weshashalazi obekuhlonishwa ngawo uMabrrr eState Theatre, ePitoli ngo-2010.
Ube esebamba iqhaza eqenjini labaculi besifazane abangaphansi kweKalawa Records iKalawa Chikitas.
Ushone esenenkampani yakhe ebikhiqiza umculo wakhe nowendodakazi yakhe, uRethabile Khumalo.
Umndeni wakhe
Ushiye emhlabeni indodana yakhe uNtando noRethabile, unina, odadewabo abathathu nabazukulu abathathu.