UMLINGISI woZalo, uSimphiwe Majozi, uzohlomisa ngolwazi futhi abuye aqwashise intsha ezobe ihambele i-Ogunjini Fun Run ezoba Osindisweni, ngaseVerulam, eThekwini namhlanje.
Lesi silomo esilingisa indawo kaSbu kulo mdlalo osakazwa kuSABC 1 phakathi nezinsuku ngo-8 ebusuku, sizobe sishiyelana inkundla nomculi kamaskandi uSlomo Samazwide, uMC Pholobas nabanye.
Abafundi abazophuma phambili uma sekugijinywa bazohlomulela izikole zabo, amajezi ebhola likanobhuthsuzwayo nelomnqakiswano. Lo mqhudelwano wabafundi bezikole zamabanga aphansi nabamabanga aphezulu uqondaniswe nokugubha iNyanga yaBantu abasha kanti kuhloswe ngawo ukuthi kugqugquzelwe intsha ukuthi ibandakanye nezemidlalo.
Omunye wabahleli bomcimbi, uMnuz Mduduzi Ngcobo, uthe kulo nyaka abafundi babafana basesikoleni samabanga aphansi naphezulu, abazophuma endaweni yokuqala, bazowinela izikole zabo ijezi lebhola lezinyawo kanti abamantombazane bazowina elomnqakiswano.
Bonke abazogijima bazothola ama-medal. Abantu abasha bazobuye bahlonyiswe ngolwazi lwezempilo nolwezemfundo, ikakhulukazi labo asebefunda u-matric.