UKUHLABANA komsakazi woKhozi FM, uPhindile "Phindi P" Phewa, emunxeni we-International Female Soloist of the Year kumaTexas Gospel Music Excellence Awards abeseHouston Hobby Marriott Hotel, e-USA ekuqaleni kwalo nyaka, kuthela izithelo.
Lo mklomelo ohlonishwa umhlaba wonke sewumakhele udumo lo msakazi wohlelo olubizwa ngoLibo Lokuqala kuKhozi FM nakozakwabo base-Afrika.
Njengamanje uPhindi P uqeda kuqopha umucu awucula ngokuhlanganyela nenkakha yomculo wokholo yaseNigeria, uPeterson Okopi Adikwa.
Echaza ngokwenziwa kwale ngoma esihloko sithi Halle, okuyigama elisuselwe kwelithi Hallelujah, uPhindi P uthe ingxoxo yabo noPeterson yaqala enkundleni yokuxhumana i-Instagram.
"Yilapho sahlangana khona okokuqala. Ukuxhumana kwethu wakujabulela. Wabe eseqopha ingoma maqede wangithumelela yona ukuze ngifake ezami izinhlamvu kuyo."
UPhindi P uthe baqedile ukuyiqopha futhi izophuma ngokusemthethweni ngoJulayi 26.
"Ngenyanga edlule bengiseNigeria ngiyonandisa komunye umcimbi. Mina noPeterson sibe sesithola ithuba lokuqopha i-video yale ngoma." Uthe yingoma emnandi futhi esiqalile ukuthakaselwa ezinkundleni zokuxhumana nakuba ingakaphumi.
"Nginesiqiniseko sokuthi abantu abaningi bazoyithakasela."
UPeterson Okopi uqale ukwaziwa ngomucu awuqopha ngo-2018 owawuthi Amazing God ngaphambi kokwenza othi Baba ngo-2019. Ngo-2020 ukhiphe esihloko sithi Up To Something.
Ukhiphe i-albhamu yakhe yokuqala eyayibhekwe ngabomvu esihloko sithi Osuba ngo-2021.
Kwenzeka lokhu nje uPhindi P usanda kukhipha icwecwe le-EP eliqukethe izingoma ezinhlanu elisihloko sithi Prayer Altar.
Ezingomeni ezikhona kubalwa ayenze noSindi Ntombela ethi Emthandazweni, ayicula noyise uMfu Ephraim Phewa ethi OkaJehova Akanqotshwa, Yehlis' ugcobo, Glorify nesihloko sithi Thuma Mina (ebhalwe wuWanda Khwela).
Uthe ematasa nale -albhamu ubebhekene nezingqinambi empilweni yakhe. Uthe okumphathe kabuhlungu ukuthi ithe i-EP yakhe iphuma ngapha, esibhedlela kwabe kuphuma umphefumulo kamzala wakhe athe bamfihle ngoMgqibelo.