OSAZIWAYO bakuleli abangamathe nolimu, uPearl Thusi noDJ Zinhle, sebeziphendulele nge-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana. Kwi-video kubonakala uDJ Zinhle edlala ebumnandini bese ethi uyasondela uPearl bese emchiliza ngesandla.
Lezi zintokazi zaKwaZulu-Natal zike zaba ngamathe nolimu ngale ndlela yokuthi abanye bagcina sebesola ukuthi seziyajola. Okwakwenza kushaywe amakhala ngokuzwana kwazo wukuthi zasezifaka izithombe zazo ziqabulana njengezithandani. Ngokuhamba kwesikhathi zigcine sezinyamalala lezo zithombe futhi nabo osaziwayo sebebonakala sebeshutha nabanye abantu. Ukuthushuka kwe-video ngoLwesithathu ebusuku kwenze abantu bathola ithuba lokubhodla ngobudlelwano bakamuva bukaDJ Zinhle waseDannahauser noPearl waKwaNdengezi.
Abantu basine bededelana ezinkundleni zokuxhumana besola osaziwayo ngokuthi abasahoshelani. Abanye baze badalula ukuthi okucike uDJ Zinhle wukuthi uPearl usewumngani kayise wengane yakhe asahlukana naye, u-AKA. Nosaziwayo baphumele obala baphawula. Omunye wabo nguDuduzile "Lady Du" Ngwenya, oncome isenzo sikaDJ Zinhle futhi wathi umazi kahle ukuthi akancethezi.
Eziphendulela kwiTwitter, uDJ Zinhle uthe akusilo iqiniso okushiwo ngabantu ngobudlelwano bakhe noPearl. Uthe basazwana kakhulu kunakuqala.
"Ngisacela ukucacisa izinto. UPearl nami sasinesikhathi esimnandi. Kwi-video wuyabona ukuthi ngangiqhweba uBrandon engangidlala naye, ukuba azokhetha ingoma ngoba ngangisebenzisa i-USB yakhe. Futhi yini uPearl amamatheke ngesikhathi ehamba uma kuwukuthi ngangimdelela? Ngiyacela yekani ukungichukuluza. Yekani." Ukhale nangabantu abathi akayeke ukulokhu echaza ngoba befuna ukuqhubeka nokusho izinto ezizojabulisa bona.
"Angikaze ngaba (wumuntu) oluhlaza kuPearl...lutho nje," kuphetha uDJ Zinhle.
NoPearl uthe kuyamshaqisa okushiwo ngabantu ngokwenzeka kwi-video.
"Ngididekile...Ukuthi kufinyelelwe kanjani kulokhu kuyangimangaza. Ngaleso sikhathi sasingave sijabule." UPearl uthe wathatha isinqumo eduze kukaBrandon ngoba kwakucaca ukuthi basematasatasa.