UMETHULI wezindaba kwi-eNCA, uShahan Ramkissoon, akakugqizi qakala osekushiwo ngaye ngonontandakubukwa.
UShahan ubephendula inkulumo yomculi we-Afro pop, uKelly Khumalo, emuva kokuba ethe kushone uKelly eqonde uzakwabo kaKelly, uWinnie Khumalo.
“Ezingena manje zithi umculi uKelly Khumalo ushonile eseneminyaka engu-51, sizokhuluma maduze nozakwabo,” kusho uShahan ngesikhathi efunda umbiko ngokushona kukaWinnie kwi-eNCA izolo.
UKelly uthukuthele kwangathi uthelwe ngezibonkolo. Ube esenikela ezinkundleni zokuxhumana lapho efike wabalisa khona kanje: “Ungangizonda noma ungangicabangeli, nakuba kunjalo lobu ubudedengu, ukunganaki nokungahloniphi, hhayi mina kodwa labo abangithandayo nabanendaba nami, ikakhulukazi izingane zami. Ngicela uhloniphe igama lami.”
Eziphendulela uShahan uthe lokhu akakwenzanga ngenhloso kodwa kushelele ulimu.
“Ngenze iphutha elimsulwa , engibuye ngalilungisa ngokushesha emoyeni. Kushelele ulimu ngesikhathi ngifunda udaba. Ngizisola mina. Kulabo asebefuna ukwenza leli phutha ihaba ngenhloso yokufuna ukubukwa, yenzani okufanele, funani ukubukwa, nibusiswe ngalokho,” kuchaza uShahan.
Abanye abantu bahlukane phakathi ngalolu daba njengoba kukhona abazwelane noKelly kodwa abanye bazwelana noShahan. Bathe kucace bha ukuthi ubeqonde uWinnie njengoba eyibalulile iminyaka.
UWinnie ushone esendleleni ephuthunyiswa esibhedlela iChris Hani Baragwanath eSoweto ngoLwesibili. Ushiye emhlabeni izingane ezimbili, abazukulu abathathu, unina nodadewabo abathathu. Kushicilelwe kungakaziwa ngezinhlelo zomngcwabo.